USATHUTHUMELA owesilisa waseMfekaye, eMtuba, othi wasinda kuyaba lwezinhlamvu ngesikhathi edutshulwa amaphoyisa efanisa imoto yakhe neyayintshontshiwe.
Kulesi sigameko esenzeka ngoDisemba umthombo utshele leli phephandaba ukuthi owesilisa wayesuka ekhaya kubo eHluhluwe elibangise emzini wakhe oseMfekaye ngesikhathi emiswa abakwasidlodlo bebheka umkhondo wezimoto ezintshontshiwe emgwaqweni omkhulu u-N2.
Leli phephandaba liphinde lathola ukuthi amaphoyisa asesiteshini saKwaMsane avele avulela ngenhlamvu ngesikhathi emumisa. Uthe ayefanisa imoto yakhe okuyi-Nissan X-Trail nale amaphoyisa ayethi intshontshiwe okuyi-Nissan Qashqai. Uveze nokuthi wabona esegcwele igazi ubuso bonke njengoba izinhlamvu zazishaya iwindi langaphambili.
Okunye okuhlalukile ngokusho komthombo ukuthi ngesikhathi amaphoyisa emisa owesilisa, evulela ngenhlamvu, ayesencinziwe kuthiwa imoto ayeyifanisa nale eyayishayelwa umgilwa yayintshontshwe izigebengu eziyingozi zaseQakwini khona eMtuba, yingakho engananazanga, avele avulela ngezulu lezandla ebhekise kuye.
Ekhuluma neSolezwe, uthe lesi sigameko simhlukumeze kakhulu emqondweni.
“Ngisahlukumezeke kakhulu engqondweni futhi uma ngihamba edolobheni ngibona imoto yamaphoyisa inhliziyo yami ishaya ngamandla. Ingqondo ivele ingitshele ukuthi kungenzeka ukuthi yibo la bantu ababengidubula noma kungasebona. Kuke kwabakhona isikhathi lapho ngingasashayeli, ngigcine sengishayelelwa omunye umuntu ngoba uma ngishayela le nto ibuya ngamandla. Ngibonga uNkulunkulu ngokuthi uyangihlenga kancane kancane,” kusho owesilisa onguthisha kwesinye sezikole kule ndawo.
Uthe uhlalele ovalweni ngoba amaphoyisa aKwaMsane akasabophi, okuwumsebenzi wawo, kodwa aseyadubula.
“Akusikhona okokuqala kwenzeka into enje yenziwa amaphoyisa aKwaMsane. Kwangithusa ukuthi amaphoyisa awakwazi ukuthi angimise efuna imoto entshontshiwe kodwa futhi angidubule, umnikazi wayo wayezoyithola injani?” ubeke kanje.
Umthombo uphinde waveza ukuthi amaphoyisa ngesikhathi ebona ukuthi adubule imoto okungesiyo, athatha isibhamu sakhe umgilwa ayesifice emotweni, amvulela icala, abhala umbiko othi naye wayedubula ephindisela kuwo, okungamampunge.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe lolu daba alusekho ezandleni zabo selusophikweni lwe-Independent Police Investigative Directorate (IPID) ephenya amacala asuke ethinta amaphoyisa.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela i-Ipid ingayiphenduli imibuzo eyithunyelelwe ngalolu daba.