Magesi FC (1) 1
Mamelodi Sundowns (0) 2
IMamelodi Sundowns izibuyise zishisa izinduku yehlula iMagesi emdlalweni weBetway Premiership e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesithathu ebusuku.
Kulo mdlalo obuhlanganise iqembu eliqhwakele nelisemsileni kwi-log, iMagesi igadle kuqala ngegoli elishaywe nguWonderboy makhubu esiwombeni sokuqala.
AmaBrazilian abuye ngamandla kwesesbili, alinganisa ngelikaLucas Ribeiro maphakathi nesesibili, ngaphambi kokuthi uTashreeq Matthews awashayele elokunqoba umdlalo usuyophela.
Bekungokokuqala la maqembu ebhekana selokhu agcina ukuhlangana emdlalweni wamanqamu weCarling Knockout Cup onqotshwe yiMagesi ngo 2-1 ngoNovemba nyakenye.
Womabili abesebuya nabaqeqeshi abehlukile kwazise u-Owen Da Gama usethathe indawo kaClinton Larsen kwiDikwena Tsa Meetse, uMiguel Cardoso wavala isikhala sikaManqoba Mngqithi kumaSandawana.
IMagesi ihambe phambili ngomzuzu ka-12 ngegoli elibekwe enethini ngekhanda nguMakhubu, ehlangana nebhola elihle eligotshwe nguLehlohonolo Mokone engakwesokunxele.
AmaSandawana kuphoqeleke ukuthi asheshe enze ushintsho ngomzuzu ka-14, efaka uThapelo Morena esikhaleni sikaKhuliso Mudau, olimale ethangeni.
UMakhubu bekufanele athole igoli lakhe lesibili kulo mdlalo kulandela iphutha elenziwe uMalibongwe Khoza emuva. Kulokhu lo mgadli uthathe isikhathi eside ukuthi akhahlele, uDenis Onyango waphuma ezintini walivimba ibhola.
Iqembu likaMiguel Cardoso lizibuyisele emdlalweni ngomzuzu ka-64 ngesikhathi u-Arthur Sales elibeka phansi ngekhanda ebhokisini, lahlangana noRibeiro oqethuka walivalela phakathi.
AmaSandawana aqhubekile nokuwafuna ephelele amaphuzu , agcina elitholile igoli ngomzuzu ka-86 ngonyawo lukaMatthews, obeqhamuka ebhentshini.
Umdlalo uphele womabili amaqembu engasaphelele ngenxa yokuthi umdlali wemagesi, uSamuel Darpoh noweSundowns, uDivine Lunga, bakhishwe ngamakhadi abomvu kulandela ukuzwana ngamanqindi ngesikhathi esengezwe ngunompempe.
Lo mphumela ushiye amaBrazilian esaqhwakele ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-12. Aseyishiya ngamaphuzu ayisithupha i-Orlando Pirates, esadlale imidlalo engu-11.