KUQUBULE izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ngemva kokusabalala kwezithombe zikasaziwayo waseThekwini, uMinnie Dlamini, nowesilisa okuthiwa yisoka lakhe elinguDkt Brian Monaisa.
Lezi zithombe zigcwale ezinkundleni zokuxhumana kubonakala ukuthi bashuthe “bezikhiphele” ezindaweni ezehlukene.
Ukuvela kwazo kususe izinkulumo yize abantu bebesamangazwe ukuthi uMinnie usenesoka elisha, ngemuva kokuhlukana nomyeni wakhe uQuinton Jones.
Kuvela ukuthi baqale ngokuba abangani, okuholele ekutheni bathandane. Ukwanda kwezinkulumo ngothando lwalaba luholele ekutheni kuvele owesifazane othe uMinnie uthathe isoka lakhe azi ngoba bebejwayelene.
Lona wesifazane ongu-@neymaaloyce uthe iyammangaza into ayibonayo ngoba lokhu okwenziwa nguMinnie akakholwa ukuthi abazali bakhe bangaziqhenya ngakho.
“Hhayi bo Minnie uyephi unembeza? Ngiyazi ukuthi umama wakho ukukhulise ngendlela engcono kunalena,” kubhala owesifazane.
Abanye bambuzile ukuthi kungani ekhuluma kanjena, ngabe ushadile yini nalona wesilisa?
Ube esephendula ngokuthi bayathandana futhi banendodana enonyaka owodwa.
“Sineminyaka emithathu sisebudlelwaneni bezothando naye. Sinengane nebhizinisi naye, kusho ukuthi uyena lona owesifazane ongenamahloni okufika emzini wethu ashiye amaqakelo akhe asebenzile yonke indawo ukuze ngibone ukuthi kade ekhona. Akanendaba nendodana yethu ekubeni engumama naye, ungizwise ubuhlungu ngendlela engachazeki.”
Abantu ezinkundleni zokuxhumana baveze imibono ehlukene kanti abanye bebegxeka uMinnie ngokuthatha isoka lalona wesifazane abanye bathi akekho owakhomba lona wesilisa ngesibhamu ukuthi ashele uMinnie.
UChrisExcel uthe: “UMinnie Dlamini akalindanga nengane ukuthi iqale u-Grade 1, uyayibhidliza imizi yabantu.”
UPhumzile Ngcobo uthe: “Ngeke kugxekwe uMinnie, ubaba wengane uyena ongalindanga indodana yakhe ukuthi ikhule ngokwanele ukuze abe sebudlelwaneni obusha, akungagxekwa uMinnie ngokuhlukana kwalaba”.
UMinister of Women Affairs uthe: “Nakulo nyaka nisasola abantu besifazane ngobuf@b* bamadoda? Usheliwe uMinenhle isono sakhe ukuthi uqomile?”
UMinnie ubengakathu vu, ngalolu daba.