IPHINI likaNdunankulu kaZulu, iNkosi Phathisizwe Chiliza, lithi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sizohluba udlubu ekhasini ngezisematheni okukhona kuzo nomgcagco waso uma sesithula inkulumo yaso eMkhosini waseSandlwana.
UMkhosi waseSandlwana, uzogujwa namhlanje, eNquthu.
Inkulumo yeMbube yakulo nyaka ibhekwe ngabomvu njengoba kulindeleke ukuthi iNgonyama icacise ukuthi uzoqhubeka yini umgcagco wayo ngeSonto, iphinde iphawule nangodaba lukaNdunankulu kaZulu.
Iseyinzukayikeyi eyomgagco weSilo noNdlunkulu uNomzamo Myeni, okufanele ube ngeSonto njengoba kuke kwavela incwadi okuthiwa ibhalwe oNgangezwe, ethi umgcagco uhoxisiwe.
UChiliza uthe abantu kufanele balinde izwi leNgonyama kulolu daba.
“Kubalulekile ukuthi abantu bakhumbule ukuthi lapha kwaZulu iNgonyama yinye. Zonke lezi zinto ebezikhulunywa ezinkundleni zokuxhumana, akukho nelilodwa ilanga lapho kuke kwazwakala iBhubesi libhonga ngezindaba ezithinta lona.
“Lapha kwaZulu umlilo wasendlunkulu awuwothi ngesifuba, kufanele ufingqe izinyawo. Kufanele ulinde kuze kukhulume iNgonyama njengomnini walolu daba okukhulunywa ngalo njengoba kukhulunywa ngomgcagco. Ingakho kuze kube namhlanje engekho othi uthunywe iNgonyama ukuba amemezele umgcagco.”
Indida ngokukhuphuka kodwendwe lweMbube iyindaba egudwini kwabaningi.
UChiliza uthe yonke imibuzo izophenduleka namhlanje uma iBhubesi selibhongwa phezu kweSandlwana.
“Sonke silinde uMkhosi waseSandlwana.”
Ngaphandle kodaba lomgcagco, kulindeleke ukuthi iMbube iphinde ithinte udaba lukaNdunankulu kaZulu.
Sekuphele isikhathi eside engekho uNdunankulu kaZulu kulandela ukuxoshwa kukaMfu Thulasizwe Buthelezi, oxoshwe ngenyanga eyedlule.
UButhelezi uxoshwa nje, wayekade emenyezelwe ukuba athathe lesi sikhundla eMkhosini waseSandlwana wangonyaka owedlule.
Umkhosi wakulo nyaka awenziwanga ngempelasonto njengoba bekujwayele ukwenzeka, kepha uqondaniswe nosuku okwatholana ngalo uZulu namaNgisi.
UChiliza uthe konke sekumimi ngomumo.
“Njengoba sonke sazi ukuthi ngoJanuwari 22, ngo-1879, usuku uZulu anqoba ngalo amaNgisi, umgubho wakulo nyaka uqondene nalo usuku lwempi. Onke amabombo abheke eSandlwana.”
Ingxenye yebutho likaZulu ilokhu yafika ngeSonto eSandlwana, njengoba ilindele ngakhona.
Izolo bekunomcimbi owandulela, lapho uMasipala wesiFunda uMzinyathi ubuwenze isifundo ngempi yaseShiyane.
UZulu watholana namaNgisi eShiyane, emva kwempi yaseSandlwana.