UMLINGISI oqale ukugqamisa ikhono lakhe lokulingisa emdlalweni othi Icala, kuMzansi Magic, ungomunye wabalingisi abancane abazobonakala emdlalweni i-Generations: The Legacy.
U-Athie Cwele, Vuyolwethu Matiwane, noSicelo Mabaso bazoqala ukubonakala emdlalweni kusuka ngoJanuwari kuze kube uMashi.
Le ntsha ingena emdlalweni nje, kusanda kuvela izindaba zokuphela kwezindawo ebezilingiswa nguMpho J Molepo, no-Nicholas “Nick Soul” Nkuna.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yomdlalo u-Athie uthe, ujabule ukuthola ithuba elifana naleli ngoba umdlalo ungenye yemikhulu kuleli.
“Uma ungumlingisi usafika kule ndima kukhona imidlalo osuke uyibhekile, ufisa ukuba yingxenye yayo. Nami ukuba yingxenye yalo mdlalo bekuyiphupho lami, ngakho lifezekile.
“Ngizizwa ngibusisekile futhi konke engizobe ngikufunda kulo mdlalo ngizokuthatha ngiye kude nakho. Nababukeli bangalindela okukhulu kule ndawo engizoyilingisa njengoba kukhona izifundo ezikhona nokubheka nje ukuthi intsha yanamhlanje ingabhekana kanjani nobuhle, nobubi bempilo kanjalo nemindeni esiqhamuka kuyo,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi ngesikhathi enza inhlolokhono kwakungumzuzu onzima ngoba kwakukuningi okudingekayo futhi eqhudelana netsha enamakhono ahlukene.
UCaroline Phalakatshela wakaSABC, uveze ukuthi bayaziqhenya kakhulu ngokunikeza intsha amathuba afana nalawa.
Uveze ukuthi bayathemba ukuthi lolu hambo abaluqalayo luzoqhakazisa ikusasa labo ngoba bobathathu bazokhombisa ukuthi intsha yenzani usuku ngalunye kuleli, nezinselelo ebhekana nazo ezikoleni nasemakhaya.