BASOLA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli nezinhlangano ezingakhokhelwa ezilwa nobugebengu emphakathini, ngobulelesi obungalawuleki eNanda, eThekwini.
Lokhu kuza emva kwesigameko esinyantisa igazi, esenzeke ngoLwesihlanu olwedlule, lapho kuthiwa amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu, ahlahlele amalungu ayisihlanu eqembu lemigulukudu ehlalise lubhojozi umphakathi.
Ngalesi sigameko kugcine kuboshwa amalungu omphakathi angu-12, avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoMsombuluko, icala lahlehlela uJanuwari 29, ukuze bafake isicelo sebheyili.
UMnuz Andile Jali weNtuzuma Neighbourhood Watch, eqale ukuqapha ubugebengu eNtuzuma kodwa yagcina isabalala neTheku lonke, uthe uNtuli wenze okubaxakayo ngasekupheleni konyaka odlule, ethatha izimoto “zabo” ezingu-50, ezinika amaphoyisa.
Uthe ngasekupheleni kuka-2023, undunankulu wesifundazwe wangaphambilini, uNkk Nomusa Dube-Ncube, wababizela enkundleni yezemidlalo eHammarsdale, basayina ukuthi uhulumeni ubanike izimoto zokulekelela beqapha ubugebengu ezingu-95.
“Sathola ezingu-45, ezahlukaniswa ngokwezindawo. Kwathi ezingu-50 ezasala lapho, kwathiwa sizozinikwa emva kokhetho. Kwathi uma sekudlule ukhetho, sekushintsha ubuholi, yangabe isakhulunywa le ndaba,” kusho uJali.
Uqhube wathi bamangala uma sebethola ukuthi lezo zimoto okwakumele bazinikwe, zaxetshulwa imibhalo eluhlaza, zanikezelwa emaphoyiseni.
“Lokhu kungasebenzisani phakathi kwezinhlaka eziqapha ubugebengu emphakathini nohulumeni, kuholele ekutheni ubugebengu buvele bubhebhetheke emphakathini efana neNanda. Yikho sigcine sibona umphakathi usuzijezisela abasolwa, ubulala ebebewuhlupha ngobugebengu,” usho kanje.
Uthe kweyabo inhlangano babethenjiswe izimoto ezingu-15, kodwa bagcina bethola ezimbili, esebenza eNtuzuma, enye isebenze KwaMashu. ENanda okuyiyo ehamba phambili ngobugebengu, bangathola lutho.
“Imigulukudu iyazicanasela eNanda. Iqhumisa ama-transformer kagesi, kube mnyama, bese ihambe ingena umuzi ngomuzi, idlwengule izingane phambi koyise. Lesi simo asilawuleki. Umphakathi usele wodwa kulobu bugebengu obunyantisa igazi, bese sibona usuzithathela umthetho ngesandla,” kuchaza Jali.
Usole uNtuli ngokuthi kwakufanele axoxe nazo izinhlaka ezilwa nobugebengu ngaphambi kokuthatha isinqumo ngezimoto ezazinikelwe iminyango kahulumeni eyehlukene ezinhlanganweni ezilwa nobugebengu, azinike amaphoyisa, avele enesawo isabelomali sezinsizakusebenza.
Uthe abasho ukuthi amaphoyisa awangahlinzekwa ngezinsiza kodwa kulolu lwezimoto, zazizokwenza umehluko ekugwemeni ubugebengu ngoba bona ngokubonakala emigwaqweni eyehlukene emalokishini, kwenza izigebengu zisabe ukwenza ubugebengu. Uthe ngakolunye uhlangothi, amaphoyisa aze avele emphakathini ngoba sekwenzeke isigameko.
Wengeze ngelithi, bebezitshela ukuthi amaqembu kahulumeni obusa ngokubambisana asebenzisana kahle kodwa kuyabaxaka ukubona ubuholi obukhona buhlikiza ezinye izinto ezinhle ebese ziqalwe uhulumeni ophumile.
Oyinhloko yezokuxhumana eHhovisi likaNdunankulu, uMnuz Bongani Gina, uthe abaqondi ukuthi udaba lwezimoto luhlangana kanjani nesehlakalo sokubulawa kwabayisihlanu.
Uthe emva kokuxoxa kwezikhulu eMnyangweni wezokuPhepha koMphakathi nokuXhumana neHhovisi likaNdunankulu, kuqinisekisiwe ukuthi izimoto zakhokhelwa, zanikelwa ezinhlakeni ezilwa nobugebengu kunyakamali odlule.
“Emva kokuhlolwa kwesimo, kwavela ukuthi ezinye zezimoto okwanikelwa ngazo zazingasetshenziswa kahle. Ngenxa yalezi zinkinga, uhulumeni okhona njengamanje, emva kokuxoxa neKhabhinethi yesifundazwe, kwafanele kwenziwe okuthile,” kubeka uGina.
Uthe ngaleyo ndlela, uhulumeni okhona njengamanje wanikezela izimoto ezingu-36 emaphoyiseni ngoDisemba nyakenye, emizamweni yokulwa nabo ubugebengu.