UKUQIKELELA ukuthi udla ukudla okunempilo ngaso sonke isikhathi iyona ndlela enconywa ngongoti bezempilo. Bathi iyona ndlela elungele ukuthi abantu bayisebenzise ukuze babe nempilo.
Ungoti wezempilo esikhungweni esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, uthe ukudla okunempilo futhi okunezithako zezempilo ezidingekayo emzimbeni kusemqoka. Wathi kungaba nzima ebantwini asebekhulile futhi abafake amazinyo okufakelwa ngoba okunye akuhlafuneki kalula.
“Nokho abantu abangenawo amazinyo nabafake awokufakelwa bangabhekana nenkinga uma sekumele bahlafune uhlobo lokudla okuthile. Ukwenza izinto ngendlela efanele nokho kungaba wusizo kungenza abantu abanjalo bathokozele ukudla okumnandi nokunempilo,” kweluleka uHewlett.
Uqhube wathi into eba yinkinga kwabanezisini nabafake amazinyo okufakelwa wukuthi kwesinye isikhathi akubi mnandi ukuhlafuna uhlobo lokudla oluthile njengamaveji angaphekiwe, amakinati, nenyama.
Lokho kudalwa wukuthi lolu hlobo lokudla luqinile, okwenza abanye baze bakugweme ukukudla yize kusiza futhi kunempilo. Abanye badinwa wukuthi okunye kwalokhu kudla kuvele kungene emazinyweni okufakelwa, kungagwinyeki.
Nazi ezinye zezinto ongazenza ukugwema lezi zinkinga:
1. Zijwayeze ukudla ukudla okuthambile
Ukudla okuthambile kulula ukukuhlafuna, okwenza kube ngokulungele abangenamazinyo nabafake awokufakelwa. Into enhle ngakho wukuthi kunempilo futhi kunezithako zezempilo. Okunye kwalokho kudla kungaba ngamaveji aphekiwe njengobhatata, ukherothi no-broccoli. Izithelo ezinjengobhanana, amajikijolo, namapentshisi ziyakusiza kakhulu.I-yogathi, ushizi othambile, nobisi nakho kungawenza umehluko.
2. Ukudla okunempilo nokubuyisa amandla
– Ukudla okubuyisa amandla kusiza ngokuthi kubuyisa amandla nomdlandla, ngakho kungasiza futhi ukugxila ekudleni okunjengofishi. Amaqanda abhoyiliwe noma ayi-omelette efakwe amaveji nakho kudleka kalula. Izitshulu ezihlukene ziyadleka kalula njengesenkukhu, esegalikuni, nesenkomo.
3. Yidla ukudla okuxube izinto eziningi
– Ukudla uhlobo lokudla oluhlanganise izinhlobo zokudla ezahlukene nezinempilo ngenye yezindlela zokudla okunempilo kalula. Okunye kwalokho kudla kungaba i-yogathi ethakwe ngezithelo, isipinashi esithakwe ngamanye amaveji. Ungathenga amaveji anjengamazambane, uwahlanganise ndawonye.
4. Zitotose ngama-snack kwesinye isikhathi
Ukudla ama-snack ngaleso sikhathi nje, nakho kungakusiza ekutheni ube namandla nomdlandla osukwini, ikakhulu kulabo abavame ukudla kancane ukudla okujwayelekile. Nokho qaphela ukuthi ukhethe uhlobo lwama-snack oluzokunika amandla futhi okuzoba lula ukuluhlafuna.
5. Phuza amanzi kakhulu
Ukuphuza amanzi ngokwanele kusiza kakhulu ngokuthi kwenza igazi ligijime ngendlela efanele emzimbeni, ukudla kugayeke kahle futhi kugcina umqondo unempilo. Ungathenga izinhlobo zetiye ezinempilo, ubisi noma uma kwenzeka, ufake i-cucumber emanzini owaphuzayo.