IMOTO: HYUNDAI VENUE
IHYUNDAI Venue iyona ekufaka emndeninini wamaSport Utility Vehicle akwaHyundai anamalungu ayisikhombisa.
Yiyona ebiza kancane kunawo wonke njengoba intengo yayo iqala ku-R299 900 bese kuthi eyokugcina iPalisade iqale ku-R1 066 900.
IVenue incintisana nezimoto ongabala kuzo iVW T-Cross, Kia Sonet, Chery Tiggo 4 Pro nezinye.
Bashintshe indlela ebukeka ngayo ikakhulukazi ngaphambili lapho ine-grille enkulu khona.
Enakho ngama-daytime running lights, amarimu angu-16 inch nama-roof rails.
Nengemuva ishintshiwe ikakhulukazi indlela amalambu ami ngayo.
Ngaphakathi uhlala ezihlalweni ezizishaya sasikhumba.
Uyashesha nokuyijwayela ngoba yonke into isobala futhi icacile ukuthi ngeyani.
Ngaphambili ine-screen se-infotainment esiveza nengemuva uma uhlehla. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto. Izimbobo zokushaja zikhona ngaphambili nangemuva, ine-aircon, amawindi kagesi, i-digital instrument cluster nezibuko ezigoqekayo. Isiteringi naso sinamabhathini okubamba iselula, ukunyusa nokunciphisa umsindo womsakazo ne-cruise control.
Le moto ihamba ngenjini engu-1.0 litre eyi-three cylinder turbo. Inamandla angu-88.3 kW ne-torque engu-172 Nm. U-gearbox uyi-7-speed automatic.
Bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.9 ngo-100km nokuyinto okulula ukuyikholwa ngoba kimi ibidla ngaphezudlwana kancane kwalokho angu-7.5/100km.
Kwezokuphepha bayifake ama-airbag ayisithupha, anti-lock braking system, Electronic Brake-force Distribution (EBD), neHill Start Assist.
Intengo:
Venue 1.0 Fluid (DCT) - R 438 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.