IMOTO: VW TIGUAN ALLSPACE
IZINGUQUKO ezenziwe kwiTiguan ngonyaka odlule, zisetshenziswe kwiTiguan Allspace ehluke ngokuthi yinde ngo-22 centimetre kunejwayelekile.
I-Tiguan Allspace iqale ukudayisa kuleli ngo-2018, ilungele abantu abanemindeni abafuna isikhala esithe xaxa sabagibeli. Kanti iTiguan ejwayelekile ilayisha abagibeli abayisihlanu kepha iTiguan Allspace ithwala abantu abayisikhombisa.
Ngesikhathi ifika yayihluke ngezinhlobo ezintathu okuyiTrendline, Comfortline, neHighline. Lokho sekushintshile ngoba izimoto zakwaVW sezihlukaniswe ngeLife, Style neR-Line. IR-Line ihlukene kabili, kunohlobo olunenjini ewu-1.4 litre, newu-2.0 litre. Esihamba ngayo inenjini ewu-1.4 litre.
Le njini kaphethroli inamandla awu-110kW netorque ewu-250Nm. Igearbox yayo iwu-6 speed DSG futhi ihumela amandla emasondweni angaphambili. I-VW iyaziwa ngokuthi igearbox yayo isebenzisana kahle nezinjini zakhona.
Enye yezinto ezenza abantu bayithande iTiguan Allspace, yindlela ehamba kamnandi ngayo emgwaqweni ngoba intofontofo. Nezokuphepha zisezingeni ngokufakwa kwe-IQ Drive. Ihlanganisa i-adaptive cruise control, ekwazisayo uma izoshayisa ngaphambili noma ibhreka futhi isiza ekutheni isiteringi sihlale emzileni.
Okungikhalisayo wukudla kwayo uphethroli ngokweqile ngoba esikhathini engisichithe nayo ibidla 10.6l/100km, okuyinto ephezulu kuno-7.1l/100km oshiwo abakhiqizi bayo.
Lokhu kungaphezulu kuka-2.0 TSI 162kW 4Motion engake ngahamba ngayo idla amalitha awu-8.9 ngo-100km.
Okunye ebengikufisa wukuthi sengathi ibingaba nezimbobo zokushaja ezihlalweni zokugcina, ukuze izingane uzifakele into yokuchitha isizungu uma nino uhambo olude.
Ikhona kodwa eyodwa ezihlalweni zaphakathi, ezimbili ngaphambili (USB type-C) nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo.
Ingaphambili ngaphakathi lishintshiwe ngendlela ebukeka kune digital cockpit pro kanti uyakwazi ukushintsha ngamabhathini asesiteringini. Amabathini awadingi ukuthi uthinte mawala ukuze enze okufunayo kodwa kuba wukudlulisa umunwe nje, phezu kwawo. Ngale kokuthi abamba ukungcola njengetouchscreen yamaselula kodwa ngisho ujika liyathinteka ngephutha, nami bengike ngizwe sekudlala isiteshi somsakazo engingasifakanga.
Okuhle kodwa wukuthi isikhulu sakwaVW, uMnuz Thomas Schäfer, sisanda kudalula ukuthi kuzobuyiswa amabhathini njengasekuqaleni.
Ine-touchscreen infotainment system enkulu futhi azikho izinkinobho ngezansi kodwa ne-aircon uyihlela ngokuhambisa umunwe.
Iyasebenza itouchscreen le, uxhuma iselula nge-apple carplay, udlale umsakazo ngezipikha ezikhala kamnandi zeHarman Kardon, ubone inkombandlela, ikhamera uma uhlehla futhi usethe nezinto zemoto.
Izihlalo zangaphakathi ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi. Ngaphandle ishintshwe indlela ebukeka ngayo, uma uthanda uyifaka amalamambu angama-IQ.Light LED matrix, ngaphambili nangemuva.
Ifika namarimu angu-19 inch. Isunroof ingenye yezinto eziyintandokazi ezimotweni zakwaVW futhi kule ibingekho. Noma ngingeyena umuntu othanda ukuyivula kodwa kumnandi uma sekungena ukukhanya noma ubuka isibhakabhaka futhi kumele uyifake ngoba yengeza ubuhle.
Intengo
Tiguan Allspace R-Line 1.4 TSI (110kW) DSG, R719 700
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.