ZIZOTHWALWA uhulumeni izindleko zomngcwabo wabayisishiyagalombili ababhubhe engozini yomgwaqo eMandaba, eNkandla ngoMsombuluko.
Lokhu kuvezwe uMphathiswa woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Siboniso Duma ngoLwesine ehambele imindeni yabashonile eMatshana, eZimpisini, khona eNkandla.
Kwabashonile, okuvele ukuthi bonke bahlobene, kukhona uDudu Majola (54), Ntombifuthi Majola (51), Nokubonga Majola (31), Xolile Khanyile (51), Busisiwe Khanyile (49), Silindile Khanyile (34), Nomfundo Khanyile (30) noMbali Biyela (30).
Kuthiwa abafi, bonke abangabesifazane, behlelwe yingozi beya emshadweni wesihlobo ngasendaweni yesigameko.
Kubikwa ukuthi itekisi ebibathwele ishayisene nenye ebinenkinga yamabhuleki, yagingqika, yaphenduka amahlandla amaningi endaweni eyehlelayo eceleni komgwaqo.
Eduduza imindeni uDuma, uthe bayakuqonda ukuthi ukulahleka kwemiphefumulo yalaba besifazane obekuthenjelwe kubo kuza nosizi nobunzima emindenini.
“Yingakho siwumnyango sithi sizolekelela ngazo zonke izindleko zomngcwabo, siqinisekise ukuthi abahambile baphelezelwa ngendlela enesizotha,” kusho uDuma.
Uphinde wathi uMnyango wezeMpilo abasebenzisana nawo kulolu daba uzolekelela ngokuthi uqinsekise ukuhlinzwa kwezidumbu ngokushesha.
Uthe imindeni izophinde inikezwe nosizo lokwelulekwa ngokomqondo, ngesikhathi kusondezwa eduze nabe-Road Accident Fund ukuzothatha imininingwane mayelana nezinxephezelo zabashone ngengozi.
Okhulumela umndeni wakwaMajola, uMnuz Vezi Majola uthe bayaluthakasela usizo abazolunikwa uhulumeni.
“Siyabonga ukulekelelwa okufaka phakathi uxhaso lokudla, kanjalo nokuthwalelwa izindleko zomngcwabo njengoba uhulumeni ethembisa,” kusho uMajola.
Umngcwabo wabafi, okulindeleke ukuthi wenziwe inkonzo eyodwa, uzoba ngempelasonto.