IMOTO: SUZUKI JIMNY
Ungenisile umdlalo wezimoto ezingama-4x4 kulezi zinsuku lapho kusuke kuncintiswana khona ngamandla azo nangokukwazi ukuqwala izintaba.
Uma ungena ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi iTikTok, ngeke ungahlangani neqembu elizibiza ngeNguni Off Road elijwayele ukuvela liqhuba lo mdlalo kanjalo neTeam Nogwaja.
Lihambela izindawo ezehlukene njengaseNgodini Bunduz nakwezinye lapho likhombisa khona amandla ezimoto zalo, iningi okungamaveni.
Ngike ngahalela ukuyovela lapho lingakhona ngesikhathi ngihamba ngeSuzuki Jimny ukuze ngiyoyizwa amandla ekuqwaleni izintaba.
Nokho ngenxa yesikhathi ngigcine ngizishayela ngedwa.
Uma uwumuntu onganaki ngeke ubone ukuthi kukhona okuhlukile ngeJimny ebesihamba ngayo. Empeleni kukhona ngoba le isinezicabha ezinhlanu, okokuqala ngqa. Ijoyina enezicabha ezintathu oselokhu yaqala ukudayisa kutholakala yona kuphela.
Ukuze bakwazi ukufaka lezi zicabha ngemuva, bayilule ngo-340mm i-wheelbase yaba ngu-2 590mm. Kwabebeyinqena ngoba bevilapha ukulokhu behla uma begibelisa abanye ngemuva akusekho ukucasha manje. Sekulula ngoba umuntu unesicabha sakhe futhi nesikhala sithe xaxa kodwa hhayi kangako.
Nasebhuthini sandile sesingu-332 litres ekubeni phambilini sasisincane singu-211 litres.
Yonke into isobala kuyona ngaphakathi nokuyinto enhle. Ngaphambili ufica i-touchscreen infotainment system engu-9 inch lapho ikuvezela khona uphethroli onawo, udlala umsakazo, ubona ingaphandle uma uhlehla, uxhume neselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
Ine automatic climate control, isiteringi esigoqwe ngesikhumba, izibuko emaceleni ziyagoqeka ngogesi, kunendawo yokubeka iziphuzo nokunye.
Iziphuzo kuba ngamakani kuphela ngoba isigubhu esikhulu esiyilitha asinandawo nokuyinto embi.
Injini ehamba ngayo ingu-1.5 litre kaphethroli. Inamandla angu-75kW ne-torque engu-130Nm. U-gearbox uyi-5 speed manual futhi idonsa ngamasondo angemuva.
Uma usuhamba ngayo ithanda ukuba nomsinjwana womoya ongena ngaphakathi uma unyusa isivinini.
Uyayizwa uma ujika amakhona ukuthi akuyona imoto yesivinini ifuna uhambe kahle ukuze uzoyijabulela.
Yize kunjalo kodwa ngiyizwe ihamba kangconywana kunaleyo enezicabha ezintathu ngoba yona ivele ibe ncane futhi kungathi ungayibamba ngesivinini esila ko-100km/h ekubeni kule u-120km/h ungenankinga njengoba igcina ku-140km/h nje.
Nasemabhampini ngiyizwe ingazweli kakhulu nokusizwa wukululwa kwe-wheelbase.
Igabade ilishiye ngo-210mm, njengeRenault Duster engingayifaka njengembangi, nokwenza uwubone kahle umgwaqo.
Uma usungena obhuqwini yilapho efike ikumangaze khona ngoba ilushaya kungabi ndaba zalutho. Ukuqwala amatshe nasezindaweni ezimbi akuyona into ewumsebenzi ngoba idonsa ngawo womane amasondo uma usuthanda.
Yilapho ebese ngifisa khona ukuthi ngabe ngincintisana nezinsizwa ngizwe ukuphawula kwazo uma isiveza amandla ayo.
Kuphethroli ihambe 510km ngaphambi kokuthi uphele nya ethangini elingu-40 litres.
Intengo:
1.5 GLX 5MT - R457 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emine noma u0-60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.