IMOTO: LEXUS RX
I-LEXUS iqinise isikwati sayo samaSport Utility Vehicle (SUV) omnta kabani ngokwethula iRX entsha okuyinhlobo yesihlanu.
I-RX ifika nje, kusanda kwethulwa iNX entsha kanjalo neLX. Inenqwaba yezinto ezintsha, okubalwa ukwehliswa kwesisindo, ukuthuthukiswa kwendlela ebambelela ngayo nokunye.
Ifika ngezinhlobo ezintathu zezinjini ezihlanganisa uphethroli nogesi. Kukhona neRX450h+ okuyiRX yokuqala ukusebenzisa ubuchwepheshe beplug-in hybrid, okusho ukuthi ifaka uphethroli iphinde ihambe nangogesi uma uyishajile. Kulindeleke ukuthi iqale ukudayisa ngoNovemba.
Ibhethri leli kuthiwa liyakwazi ukubuye lizishaje uma ihamba futhi uma ligcwele ungakwazi ukuhamba ibanga elingu-65km njengoba lingu-18.1kWh.
Abakuqhakambisayo wukonga kwayo uphethroli njengoba bethi idla 1.3l/ ngo-100km. Le plug-in hybrid system inenjini kaphethroli engu-2.5 okuthi uma kuhlanganisiwe kube namandla angu-227kW.
I-RX 500h yona inenjini engu-2.4 litre nebhethri elizishajayo. Amandla ayo angu-273kW ne-torque engu-550Nm. Njenge-RX 450h+, idonsa ngawo womane amasondo.
Enye yiRX 350h nayo enenjini eyi-hybrid ezishajayo. Injini kaphethroli ingu-2.5 ilitre futhi inamandla angu-184kW. Nayo idonsa ngawo womane amasondo futhi kuphethroli bathi iphuza amalitha angu-5.4 ngo-100km.
Eyokugcina yiRX 350 yona enenjini kaphethroli kuphela ne-turbo. Inamandla angu-205kW ne-torque engu-430Nm. Idonsa ngawo wone amasondo futhi zonke lezi zimoto zine-gearbox ongumshini ozishintshayo.
Ngaphandle ziyabukeka njengoba zikhanyisa ngamalambu ayisibaca futhi zonke zinamarimu angu-21 inch.
Kukhona nemibala ehlukene eyisishiyagalombili.
Ngaphakathi ukukhanya kungeniswa yi-panoramic sunroof enkulu, 14 inch touchscreen, head-up display, amabhathini esiteringini, izipikha ezingu-21 zeMark Levinson, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo nokunye.
Okushintshile ngayo yisikhala ngaphakathi njengoba isinkudlwana kunendala kwazise i-wheelbase beyinyuse ngo-60mm yaba ngu-2 850mm yize ngaphandle ubude busafana bungu-4 890mm. Lokhu kwenza isikhala sebhuthi sibe ngu-612 litres.
Bathi zonke zintofontofo emgwaqweni kwazise zifakwe i-Adaptive Variable Suspension.
Kwezokuphepha kubalwa ukuthi yazisa umshayeli uma izoshayisa, ineDynamic Radar Cruise Control, iyasho uma iphuma emzileni futhi iyakwazi ukuzwa ukuthi sengathi umshayeli akekho esimweni ngendlela ahleli ngayo bese ishaya ama-hazard ibe yehlisa isivinini.
Intengo:
Lexus RX350 R1 424 000
Lexus RX 350h R1 458 300
Lexus RX 350h F Sport R1 543 200
Lexus RX 500 F Sport R1 684 300
Lexus RX 450h+ TBC on release to dealer period (Nov. ’23)
Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km kuthi ezingama-hybrid zibe ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-195 000km.