Sekwengeze izindleko ezinkampanini zezimoto ukubambezeleka kwemithwalo emachwebeni, okuqale ukubikwa ngakho ngasekupheleni konyaka odlule.
NgoNovemba nyakenye usihlalo weBhodi leTransnet, u-Andile Sangqu, watshela abezindaba ukuthi inkinga yokubambezeleka yayizokwenzeka ngenxa yokungatshalwa kwemali emishinini nokunakekelwa kwayo.
Wathi basebenza ngokuzikhandla ukulungisa isimo futhi kweminye imishini kuzothatha isikhathi esiphakathi kwezinyanga ezingu-12 kuya kwezingu-18.
Isikhulu esiphezulu se-Isuzu Motors South Africa, uBilly Tom, sikhuluma esithangamini nabezindaba eGoli kuleli sonto sithe unyaka odlule ube nezingqinamba ezenze kwaba nzima ukusebenza.
“Ukucinywa kukagesi phakathi kukaJanuwari noMeyi kulingane nokwangonyaka wonke ka-2022. Ungacabanga-ke ukuthi lokho kwenzeni efemini yethu. Kumele sitshale imali kuma-generator,” kusho uTom.
Uthe kuyabiza ukusebenzisa ama-generator kodwa ayasiza ukumelana nokucima kukagesi.
“Inkinga enkulu isemachwebeni. Ukubambezeleka kweziqukathi ezingu-70 000 awukwazi ukukuvimba. Uma uthulula isiqukathi eThekwini kuba yizindleko ezengeziwe ukuthutha umthwalo. Asifuni futhi nokudiliza abasebenzi.”
Ifemu ye-Isuzu Motors South Africa lapho kukhiqizwa khona iveni iD-Max namaloli iseGqeberha.
UTom uthe naphezu kwezingqinamba kodwa baqhubekela phambili futhi makhulu amathuba abawabona ngokuhwebelana namazwe ase-Afrika. Uthe kunesimemezelo abazosenza ngokuhamba konyaka.
UCraig Uren oyiSenior Vice President Revenue Generations e-Isuzu Motors South Africa, uthe naphezu kwezingqinamba kodwa baqhubekile nokuhamba phambili ngokudayisa amaloli.
Uthe emalolini aphakathi nendawo ngobukhulu badayise angu-1 632, kwathi emalolini amakhulu badayise angu-1 160.
Izinhlobo ezidayise kakhulu kube yiNPR 400 neFTR 850.
U-Uren ubuye waphawula ngokwenzeke embonini nyakenye, wathi kunyukile ukuthengwa kwamaloli amakhulu ngenxa yenkinga yezitimela. Uthe kuthengwe angu-18 451. Ukuthengwa kwamaveni nakho kunyuke ngo-12% kwadayiswa angu-105 152.
Uthe ngokubuka kwabo kulo nyaka kuzokwehla kancane ukuthengwa kwezimoto ezintsha.
Emasontweni ezayo kulindeleke ukuthi i-Isuzu yethule iD-Max X-Rider entsha. Phesheya nyakenye kwethulwe iD-Max ethuthukisiwe kodwa inkampani ikuqinisekisile ukuthi ngeke ilethwe kuleli okwamanje.