IMOTO: HYUNDAI GRAND i10
SEKUNEMINYAKA iHyundai yahoxisa ukudayiswa kohlobo lwama-sedan eNingizimu Afrika, ngenxa yokuthi kwakunedumela lamaSUV namacrossover, elandelwa ngamahatchback anezicabha ezinhlanu (uma ubala nebhuthi) esigabeni sezimoto ezincane.
Ukufika kweGrand i10 ethuthukisiwe, kuqondane nokubuya kwama-sedan enkampanini njengoba kukhona nenesinqa.
Lokhu kwenza ahlukane kathathu amaGrand i10, kukhona ihatchback eyokuthutha impahla, iGrand i10 Cargo, bese kuba yiGrand i10 sedan.
IGrand i10 ibalulekile kwaHyundai ngoba sekuyiyona imoto encane kule nkampani ngemuva kokuhoxiswa kwe-Atos.
Yenza kahle emakethe ngoba kusongwe uJuni, sekudayiswe awu-4 074. Isendaweni yesithathu ezimbangini zayo ngemuva kweVW Polo Vivo neSuzuki Swift.
Izinguquko zigqame kakhulu ngaphambili kwiradiotor grille nakumafog lamps ngezansi. Amarimu nawo ashintshiwe indlela ebukeka ngayo. IMotion ifika namakhava angu-14-inch bese kuthi iFluid ibe namarimu angu-15 inch.
Ngemuva akukho kangako abakwenzile.
Isedan ifika ngeFluid kuphela okuyenza nayo ibe namarimu angu-15 inch.
Engikuthandayo ngengaphakathi wukuthi sebeyinyuse ubukhulu betouchscreen infotainment system yaba ngu-8 inch. Lapha uxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto ngaphandle kwentambo uma uthanda.
Zonke zinekhamera eveza ingemuva uma uhlehla ukuze ungashayisi futhi zinamasensor. Lokhu kungezinye zezinto ezengeza ukuphepha kanjalo nama-airbag omshayeli nomgibeli, indawo yokufaka isihlalo sengane ngemuva namabhreki ama-ABS.
Isikhala sempahla ebhuthini singu-360 litres kuthi kwisedan sibe sikhudlwana njengoba singu-402 litres. Sikhulu kuneseSuzuki Dzire kodwa sibe sincane kunesezinye izimbangi ezifana neKia Pegas, Honda Amaze neVW Polo Sedan.
IGrand i10 inezinjini ezimbili. Kukhona engu-1.0 litre kaphethroli enamandla angu-49kW netorque engu-94Nm. Ugearbox uyi-5 speed manual okanye i-4 speed auto.
Enye injini ingu-1.2 litre enamandla angu-61kW netorque engu-114Nm. Ugearbox uyi-5 speed okanye oyi-4 speed auto. Le njini uyithola kwihatchback futhi kwisedan kukhona yona yodwa.
Ngenale njini esiyishayelile yethulwa kuleli sonto eThekwini. Imoto ibizwakala iphapheme ihamba ngaphandle kwenkinga. Kuthelawayeka ngike ngathi ukujeqeza ukuthi alikho yini igiya lesithupha sengishushuluza.
Uma kunyukela kancane noma ufuna ukudlula enye imoto kumele wehlise amagiya ngokushesha ukuze uzobamba ijubane.
Umqondisi wezokudayisa nokusebenza kwaHyundai Automotive South Africa, uStanley Anderson, uthe babheke ekudayiseni amasedan angu-80 kuya ku-100 ngenyanga. Uthe okunngaphezu kwalokhu kuyobajabulisa.
Ngiyibona abamatekisi akhokhelwa ngebanga olihambile kuzoba ngabanye bamakhasimende abo.
Intengo:
•1.0 Motion hatch manual - R229 900
•1.2 Motion hatch auto - R269 900
•1.0 Fluid hatch manual - R264 900
•1.2 Fluid hatch manual - R279 900
•1.2 Fluid hatch auto - R309 900
•1.2 Fluid sedan manual - R279 900
•1.2 Fluid sedan auto - R309 900
•1.0 Motion Cargo - R245 900
Zifika newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neservice plan yonyaka noma u-15 000km.