IMOTO: FORD EVEREST WILDTRAK
YAKHELWE abantu abathanda ukuzikhipha beyoshaywa wumoya ezintabeni iFord Everest Wildtrak eyethulwe kuleli sonto.
Kungokokuqala ukuba neWildtrak kwiFord Everest njengoba ibigcina ngokutholakala kumaFord Ranger. AbakwaFord bathe abafuni ukusala kwimbangi yabo yalolu hlobo lwemoto okuyiToyota Prado.
Indlela eyakheke ngayo inezindlela zokuyishintsha okwenza ilungele ukuqwala izintaba kalula ngaphandle kokuthwala kanzima. Yethulwe neFord Everest XLT.
Yize kuyimoto eyakhelwe ukuqwala izintaba, abakwaFord abagcinanga icala njengoba bephinde bayenza yaba yinhle. Isitishi sayo esiphuzi esigijima kudashboard, ezicabheni, esiteringini nasezihlalweni, siyenza ibe yinhle kakhulu.
Okuphinde kujabulise wukuthi nayo ilayisha abantu abayisikhombisa okwenza ilungele ukuthi uhambe nomndeni ngayo. Izintaba iziqwala kalula futhi ayibi nabunzima kanti nobuhle bayo benza abantu bajike nayo.
Noma ihamba emgwaqweni ojwayelekile inobuchwepheshe obukusiza ukuthi ungagudluki kulayini wakho njengoba izibuyela yona ingene emgwaqweni uma usugxoba olayini.
IFord Everest entsha selokhu ibe khona eMzansi kusuka ngoSepthemba nyakenye. Kukhona nesezingeni eliphezulu iPlatinum neSport 4x4. Manje isishintshe ukwenza njengoba sekukhona eyokuqwala izintaba ethathe ubuchwepheshe beFord Ranger Wildtrak.
Ukubeka kafushane iFord Everest inenjini engu-2.0-litre BiTurbo diesel ne-3.0-litre V6 turbodiesel. Kuyona kutholakala eyi-4x4 ne-4x2.
Indlela ebukeka ngayo iFord Everest Wildtrak ifana ncamashi neFord Ranger Wildtrak ngaphakathi. Ukuhlala isikhathi itholakala kwiFord Ranger, abakwaFord bathe yindlela elithengwa kakhulu ngayo leli veni.
IFord Everest Wildtrak inenjini engu-3.0-litre turbodiesel V6, ededela amandla angu-184 kW, ibe noGearbox we-Automatic oyi-10-speed.
Idonsa ngawo wonke amasondo njengoba iyi-4WD.
Inama-LED Daytime Running Lights amise kuka-C namalambu (headlights) ayi-LED. Iphinde ibe ne-grille efana ncamashi neyeFord Ranger Wildtrak.
Iphinde ibe nama-roof rails athanda ukuba yisiliva okuyenza ihluke kwamanye amaFord Everest. Iyakwazi ukuphuma namasondo angu-20-inch ukhiphe angu-18 inch ngaphandle kokwengeza imali uma uyithenga. U-20 inch uyenza isheshe ibonakale ukuthi eyokuqwala izintaba.
Njengoba iphuma nezihlalo zesikhumba iphinde ibe nelogo ebhalwe Wildtrak njengoba kwenzeka nakwiFord Ranger Wildtrak.
Iphinde ibe ne-screen se-Infotainment esingu-12 inch esine-SYNC 4A, wireless Apple CarPlay ne-Android Auto ne-wireless charging and connectivity kwiFordPass app.
Inezindlela ezahlukene zokuyishayela okukhona i-4A mode, 2H, 4H ne-4L kuya ngokuthi uhamba emgwaqweni onjani.
IFord Everest XLT, yona yethulwe ngenhloso yokuveza eyiSport nePlatinum, enenjini engu-2.0 litre BiTurbo diesel ngenxa yokuthi iyimoto edingwa kakhulu ngabathengi. Injini ye-XLT ingu-2.0-litre BiTurbo efuqa amandla angu-154 kW neTorque engu-500 Nm.
Intengo:
Everest XLT 2.0L BiT 4x2 10AT R832 400
Everest XLT 2.0L BiT 4x4 10ATR896 300
Everest Sport 2.0L BiT 4x2 10AT R918 500
Everest Sport 2.0L BiT 4x4 10ATR984 800
Everest Wildtrak 3.0L V6 4WD 10ATR1 084 000
Everest Platinum 3.0L V6 4WD 10ATR1 146 500