IMOTO: GWM TANK 300
SIBUKEKA sizolokhu siqhubeka nokunyuka isibalo sezimoto zaseChina ezidayiswa eNingizimu Afrika uma kuya ngezethembiso zenye yezinkampani zakuleliya zwe.
Ngonyaka odlule izimoto ezincane ezidayisiwe kuleli ezisuka khona zibe ngu-32 382 nokubukeka sizokhuphuka uma kubhekwa ukuthi izinkampani zithembisa ukuletha ezinye.
I-GWM South Africa, engenye – uma kungeyona - yezinkampani zaseChina ezindala kuleli njengoba ineminyaka engu-17 ithembisa ukwethula ezinye izimoto ezintsha kulo nyaka.
I-Great Wall Motor (GWM) yengamele iHaval, P-Series, Ora okuyizimoto zikagesi neTank eyethulwe kuleli sonto.
ITank yethule i-Sport Utility Vehicle (SUV) iTank 300 abayibona njengembangi yeFord Everest, Isuzu MU-X, Toyota Fortuner neJeep Wrangler yize ingenkulu njengazo. Uma ungabheke ekwenza obhuqwini ungayifaka neBMW X3 okanye neMercedes-Benz GLC.
Abayilethile manje iTank 300 inenjini engu-2 litre eyi-hybrid okuyinhlanganisela yenjini kaphethroli nekagesi (ibhrethri elizishajayo). Kokubili kunamandla ahlanganisiwe angu-225kW ne-torque engu-648 Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi-9 speed automatic.
Ingakapheli ikota yokuqala yonyaka kuzolandela ekaphethroli engu-2.0 litre turbo enamandla angu-162kW ne-torque engu-380Nm. U-gearbox uyi-8 speed ZF automatic. Kuphethroli bathi idla amalitha angu-9.5 ngo-100km.
Eyi-hybrid, okuyiyo esiyishayelile yona bathi iphuza 8.4l/100km ethangini elingu-80 litres.
Sisuke eGoli sagudla eNorth West ngaphambi kokuyophelela ngaphandle kancane kwaseModimolle, eLimpopo ngayibona iveza ukuthi iphuza 10.3l/100km.
Emgwaqweni amandla iwafaka kahle, ithule ngaphakathi futhi nasemabhampini iyakufihlela ukuthi angakanani ukuze kungazweli ngaphakathi.
Obhuqwini nakhona intofontofo injalo ikwenza unyuse isivinini ngokukhululeka kwazise idonsa ngawo wonke amasondo.
Uma sekuqala ukuba nzima, ino-4L, diff lock nokuphakama okungu-244mm ukuze ingaxakeki.
Bayigaxe nenqwaba yobuchwepheshe obusiza umshayeli emgwaqweni nasobhuqwini. Kukhona amakhamera aveza umzimba wonke, ama-sensor, adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni ngokujikisa isiteringi nokunye. Obhuqwini nakhona kune-adaptive cruise control (Crawl Cruise Control) yakhona eyenza ukuthi okwakho kube wukujikisa isiteringi kuphela yona izihambele.
Ngaphakathi uma uyibuka izimbobo ezikhipha umoya we-aircon ngeke ngikusole uma ungathi zikukhumbuza iMercedes-Benz ngoba zibukeka zifana. Bona nokho bathi abanabudlelwano neBenz, bazakhele.
Abayincishanga izinto efika nazo njengoba ine-sunroof, izihlalo zesikhumba, touchscreen infotainment system oxhuma kuyo i-Apple CarPlay/Android Auto nokunye, izipikha ezikhala kamnandi zeHarman Kardon, ambient lighting, izindawo zokushaja neze-12V, ibhuthi engu-400 litres nokunye.
Ngaphandle inamaLED headlights, daytime running lights nama-fog lights, amarimu angu-18 inch, roof rails, side steps nokunye.
Iphinde ibe nemibala ehlukene okhetha kuyo.
Intengo:
•Tank 300 2.0T 8AT 4x4 Super Luxury R725 950 (Iza ngasekupheleni kwekota yokuqala yonyaka)
•Tank 300 2.0T 8AT 4x4 Ultra Luxury R775 950 (Iza ngasekupheleni kwekota yokuqala yonyaka)
•Tank 300 2.0T 9HAT 4x4 Super Luxury R851 950
Zifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km neRoadside assistance yeminyaka efanayo kanjalo ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km.
Ezingama-HEV zine-warrranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-150 000km.