ISIKHULU esiphezulu seVolkswagen Group South Africa, uMartina Biene, sithi banethemba lokuthi ikomkhulu labo lizobanika igunya lokukhiqiza imoto entsha kuleli kusuka ngo-2026.
UMartina, obe yisikhulu sokuqala sesifazane sale nkampani, uthathe isikhundla akuso ngoNovemba nyakenye kuRobert Cisek.
Ubekhuluma ngoLwesithathu efemini yenkampani eseKariega, eGqeberha, ngesikhathi bememe abezindaba ukuba bazobuka asebekwenzile kule minyaka edlule nabaqhubeka nokukwenza ukuyithuthukisa.
Phakathi kwabakwenzayo wukonga amanzi njengoba kunesomiso eGqeberha, ngokufaka amathangi okugcina awemvula, bonga nogesi kanjalo nemvelo ngokutshala izihlahla nokunye.
“Ngo-2026 sibheke ukuthi sakhe imoto entsha efemini yethu kodwa akukaqinisekiswa. Engingakusho wukuthi izobe yakhiwe phezu kwesisekelo esifanayo nePolo futhi izoba yiSUV (sport utility vehicle) encane esigabeni i-A0.
Izoba yisisombululo sethu njengoba sanda isibalo sabathenga amaSUV,” kusho uMartina.
Uthe babheke ukuthi bathole isiqiniseko ekomkhulu labo eGermany ngoNovemba.
“Ngihlale ngithola izingcingo ezivela eGermany bebuza ngokucinywa kukagesi okwenzeka ezweni. Akusizi khona ekutheni siphasiswe ukuthi sikhiqize le moto.
Yiyona indaba kagesi, inkinga yemigwaqo nezitimela. Amaloli ayabiza. Seneme kodwa ngechweba lethu lase-Eastern Cape. Yize kunalezi zinguquko esingeke sizifihle. Sinethemba lokuthi sizonikezwa igunya,” kuchaza yena.
Njengamanje ifemu ikhiqiza iPolo, Polo Vivo futhi yiyo yodwa emhlabeni eyakha iPolo GTI.
Umqondisi wezokukhiqiza efemini, u-Uli Schwabe uthe umthamo womkhiqizo usukhuphukile usuka ku-680 waba ngu-710 ngosuku.
Ngonyaka odlule uthe bagcine bedayise ngaphandle kwakuleli izimoto ezingu-113 358, kwathi ezingu-19 890 zadayiswa kuleli.
UMartina uveze ukuthi basonge u-2022 beyinkampani ebe nezimoto eziningi ezikhiqizwa kuleli ezidayiswe ngaphandle kwemingcele yezwe.
Zibe 350 945 kanti u-24.3% wazo ukhishwe yiVWSA. IToyota ilandele ngemuva ngo-22.5% kodwa uMartina uthe ulindele ukuthi ikhuphuke njengoba ngonyaka odlule yaphoqeleka ukuvala ifemu yayo eseThekwini isikhashana ngemuva kwezikhukhula.
IMercedes-Benz eyakha iC-Class isendaweni yesithathu ngo-15.7%, iFord isendaweni yesine ngo-13.7% besee kuba yiBMW endaweni yesihlanu ngo-10.0%.
Ngaphandle kokwakha iPolo, u-Uli uthe bakha nezinjini ezingu-165 ngosuku.
Le nkampani inethemba lokuthi njengoba umthamo womkhiqizo usunyuka nje, izokwazi nokudayisa izimoto eziningi eNingizimu Afrika.
NgoJulayi iToyota Corolla Cross yiyona moto encane edayise kakhulu kuthengwa ezingu-2 115. IPolo Vivo ibe sendaweni yesibili ngezingu-1 967, bese kuthi iPolo ibe kweyesikhombisa ngo-882.
Ithe ilindele nokuthi sande nesitokwe sePolo Sedan ezinyangeni ezizayo njengoba yona ilandwa e-India.
Basanda kwethula iPolo Vivo GT entsha. IVivo izophinde ithuthukiswe ngokuthi zonke izinhlobo zifike ne-screen esingu-6.5 inch ngaphakathi, isiteringi esinamabhathini ne-gearbox ethuthukisiwe.
KwiPolo Sedan kuzofika i-gearbox eyiTiptronic ngasekupheleni konyaka, bese kuthi ngonyaka ozayo kulethwe enenjini engu-1.0 enamandla angu-85kW.