INKAMPANI yezimoto iSuzuki Auto South Africa ithi iyazi ngesicelo sokuthi abanikazi bamaS-Presso ne-Eeco bawayise egaraji eyohlolwa futhi eyoshintshwa, okungase kuphazamise i-steering system.
Ngokombiko weReuters, iMaruti Suzuki India yenze isimemezelo sokuthi zingu-87 599 izimoto ezithintekayo ezakhiwe phakathi kukaJulayi 5 ku-2021 noFebhuwari 15 ku-2023.
IS-Presso wumncanyana wemoto okuyiwona obiza kancane ezimotweni zale nkampani kuleli futhi ulandwa e-India. I-Eeco yona ngakolunye uhlangothi, yi-panel van yokuthutha impahla.
Ngokombiko, kuthiwa kusolakala ukuthi umonakala ukwi-steering tie rod okungenzeka ukuthi iphuke bese iphazamisa indlela imoto ejika futhi ebambelela ngayo.
Leli phephandaba lixhumane nabeSuzuki Auto South Africa abathe basenza ucwaningo ngalesi simemezelo, bese beqhamuka nohlelo lokuthi bazosisebenza kanjani.
“Kuzoxhunywana namakhasimende kanjalo namagaraji ngezindlela ezifanele maduze.”