INKONTILEKA yomshayeli weloli ethi uzohola ngohambo aluthathile ingaba nobungozi ikakhulukazi kulabo abashayela amabanga amade.
Lokhu kushiwo yisikhulu senkampani iCity Logistics, uRyan Gaines, othe lokhu yinto abafuna abasebenzi njengabashayeli bayiqaphele.
Uthe ngokujwayelekile izinkontileka zihlukene. Kukhona eveza ukuthi umshayeli uzohola malini futhi iyazibala nezindawo okumele azihambe ngosuku bese kuba neholela ngohambo oluthathile.
“Lena yokugcina ingaba nobungozi ikakhulukazi kulabo abahamba amabanga amade. Igqugquzela ukuthi umuntu ehambe athulule abuye khona ezohola kangcono futhi ubungozi bayo bungenza ukuthi umshayeli akhathale aphinde abe nengcindezi nokungambeka engozini nabanye abasebenzisi bomgwaqo,” kusho uGaines.
Uthe okunye abashayeli okumele bakubheke ukuthi ngabe inkampani inazo yini izinhlelo zokubanakekela.
“Inkampani kumele ibe nemigomo yokwenza isiqiniseko sokuthi uyakwazi ukuphumula nokugeza ekhaya, ube nesikhathi esanele phakathi kohambo futhi igcizelele ukuthi abashayeli baphumule endleleni.”
Uthe okunye ukubheka ukuthi ngabe inkampani iyilungu leNational Bargaining Council for the Road Freight and Logistics Industry. Uthe uma iyilungu inkampani ikwazi ukungena ezikhungweni zayo ezisemigwaqweni emikhulu kuleli lapho kukhona khona abahlengikazi nabeluleki bengqondo.
“Umshayeli onakekelwayo ngumshayeli ongcono emgwaqweni,” kusho uGaines.
Kuvela ukuthi izinkampani zamaloli zibheka ukuthi umshayeli ngale kwezincwadi, uyakwazi yini ukwenza i-jack-knife parking ngeloli elidonsa inqola. Uma linezinqola ezingu-12m ezimbili uba yinyama.
Zibheka nokuthi uyakwazi yini ukunakekela iloli nokuthi uyazihlupha yini ngokufunda ubuchwepheshe besimanje osebufakwa emalolini.