IMOTO: VOLKSWAGEN ID. GTI CONCEPT
YIZE iVolkswagen idalula ukuthi kuzoshaya u-2033 isikhiqiza izimoto ezihamba ngogesi kuphela e-Europe, kodwa igama elinomlando iGTI ngeke lishabalale ngemuva kokuvezwa kwe-ID. GTI Concept.
Lo mfanekiso wethulwe ngoMsombuluko embukisweni i-IAA Mobility eMunich, eGermany.
I-ID. GTI isuselwe kwi-ID.2, okuyimoto ehamba ngogesi kuphela ohlala emabhethrini ashajwayo. Ubude buwu-4 104mm futhi iwheelbase yayo ingu-2 600mm. Amarimu awu-20 inch futhi idonsa ngamasondo angaphambili.
Abakhiqiza iVolkswagen, abawadalulanga amandla ayo ngoba kusewumfanekiso nje, bahlela ukuyethula ngo-2027. Ngaleso sikhathi, inkampani ihlela ukwethula izimoto zikagesi ezintsha eziwu-11.
Isikhulu sakwaVolkswagen Passenger Cars, uThomas Schäfer, sithe bashintshe ukwenza kulezi zinyanga ezedlule wathi, izenzo zabo ziqhutshwa wumbuzo wokuthi amakhasimende abo alindeleni kubona?
ENingizimu Afrika, amaGTI adayiswayo yiPolo GTI neGolf 8 GTI. Empeleni ifemu yakwaVW eseGqeberha, yiyona yodwa emhlabeni eyakha iPolo GTI.
Ukuthandwa kwamaGTI kwenze kuleli, aze ateketiswa ngeVrrr Pha ngenxa yokuduma kwawo.
Ngo-Ephreli iphephandaba lezimoto i-Automobilwoche, laseGermany licaphune uSchäfer, oke waba yisikhulu sakwaVolkswagen Group South Africa, ethi abekho ezinhlelweni zokwakha enye iGolf ehamba ngenjini kaphethroli futhi iGolf 8 kuzoba ngeyokugcina.
Watshela nephephabhuku i-Autocar, ukuthi bafuna ukugcina amagama anomlando njengeleGolf aqhubeke asetshenziswe ngisho sekunezimoto zikagesi.
“Sinamagama anomlando njengeGolf neGTI. Kungaba wubuwula ukuwayeka afadalale. Sizoqhubeka nama-ID kodwa izimoto ezinomlando zizoqhubeka negama,” kuchaza uSchaefer.