NGIYAPHOQELEKA namhlanje ukuthi ngigagule esinye seziguli esisithe thasi sesiyongena ogibeni lomgudu wokuphela kwempilo. Ngabe kukhulunywa okunye ukube asixhunyaniswanga yindodakazi eyayizwe ngosizo esilwenzayo maqede yathatha ucingo yalushaya ngenyanga edlule.
Yayinomama owayelashwa esibhedlela esiseduze kwakhe. Umama lo wayesekholelwe isikhathi eside kwinkoleloze ethi isifo sikashukela aselapheki, kumele adle imishanguzo aze ahambe emhlabeni.
Okwakumangalisa ngaleya nkathi wayengasakwazi ukunyathela ngezinyawo ngenxa yobuhlungu obabugwaza njengontshumentshu ezansi kweqakala. Noma kunjalo wayengakholelwa ukuthi ushukela ungelapheka ziphele izinhlungu.
Ngiyafisa siyisizwe sikuqaphele ukuthi ukwelashwa kwezempilo umsebenzi omuhle oncomekayo futhi wenziwa ngabantu abaqeqeshiwe abenza into elungile.
Malingasilahlekeli iqiniso elithi isakhiwo salokhu kwelashwa yibhizinisi. Ebhizinisini okuphambili inzuzo. Abafuna sidle imishanguzo size siye egodini akungoba bengazi ukuthi ushukela uyelapheka uphume uphele emishanguzweni. Okuphambili kubo yimali eyizigidigidi.
Le nzuzo ayizi kithi njengezwekazi ngoba thina siyathenga, kodwa iya emazweni angaphandle. Uma bengafundisa thina odokotela nathi sonke kwezempilo ukuthi isifo sikashukela siyelapheka siphele, ibhizinisi labasunguli liyowa nakanjani emuva kwesikhathi. Abakufuni lokho.
Uma owezempilo ethi isifo sikashukela aselapheki usho akufunzwayo. Odokotela ngokwethu bakhuluma iqiniso elimsulwa yingakho sakholwa ukuthi awelapheki ushukela angithi? Izingqondo zethu zawinwa ngokufundisa thina odokotela ukuze sifunze isizwe okungelona iqiniso elimsulwa. Asikwazi ukungabakholwa laba esithi ngodokotela.
Ngike ngafonelwa esinye seziguli sisho sakuqhosha sithi sihlale esibhedlela saseThekwini izinyanga selulwa ngenxa ye-stroke, umqondo wethu bawuwina.
Angithi uzogcina uphazamisekile emqondweni une- dementia ngenxa ye- insulin, i-uric acid egazini lakho elizoya ebuchosheni, imithambo ayisavuleki ngenxa yokuvalwa ukuxubha ngala makhemikhali ayi-flouride ekwi- toothpaste nasemanzini esiwaphuzayo. Lapho ususetshenzwa ngodokotela bengqondo, leyo mali iyaphi? Imali yama-toothpaste iyaphi? Ngubani olimalayo?
Uma isayensi ithi hlukanani nala ma-toothpaste nithini? ‘Uyahlanya lona, asithengi i-toothpaste ngemali yakhe, sizoqhubeka thina nezingane zethu, ufuna amazinyo agqwale sinuke umlomo’. Ukuxubha ngomlotha akugqwalisi mazinyo, awunukelwa mlomo.
Eqhubeka echaza wathi izinyawo ngaphansi zaziqaqamba kanye nobhozo ubuhlungu, sekwaba impilo yakhe. Wayethi owakwakhe uyamthinta kokunye emthoba akhale kuzwe nongaphandle kwegceke. Izinyawo zase zivuvukele zicwebezela, sezigqunqile ngaphambili.
Sitholane nalo mndeni isimo sinjena, ushukela egazini uma bewubheka ezikhungweni zezempilo uphezulu udla amagalane, empeleni wayesezitshelile ukuthi lena kuzoba yindlela yakhe yokuphila njengoba namehlo ayesenqundeka, inkwantshu igcwele emzimbeni.
Kwakungelula ukumchazela sithi lena akukwazi ukuthi kube yimpilo yakhe. Saze samnqoba ngokuthi sivume ukuthi eze nobaba wakwakhe bezolala lezi zinsuku eziyisishiyagalombili elashwa. Ngingena wangikhombisa izinyawo, nangempela ngasondeza imijovo yakhona saqala savuselela imizwa eyayisiqubudile nje ingawakhiphi amangwevu afanele ngenxa yokuququdwa ngamakhemikhali asuka esibindini okuthiwa ngamaROS (Reactive Oxygen Species).
La makhemikhali awahleki nomuntu uma nje unesibindi esigcwele amafutha, aphuma engena efuna lapho enganamathela khona kuqale izinhlungu; kungaba buhlungu izinyawo, ikhanda, idolo, ngemuva kwedolo, isikhumba, amehlo, amanyonga, ihlombe nangemuva esiphangeni, empeleni le khemikhali inganamathela noma yikuphi ukuze iqale ukuqaqambisa leyo ndawo.
Sathi siqeda ukumfaka imijovo sase sikwazi ukuziphulula izinyawo zakhe. Ekumhloleni umzimba wonke sathola ukuthi nebala isibindi sivuvukele sigcwele amafutha, wayenemithambo nemizwa eyayikhukhumele ingaphakathi eyayingasakwazi ukwenza imisebenzi ngendlela elindelekile. Saphinde sagcizelela ubungozi besibindi sakhe esigadlabeza umzimba wakhe ngezifo eziyisishiyagalombili wonke umzuzu uma nje kusenalamafutha.
Lezi zifo esithi zikhiqizwa yisibindi zidala inqwaba yezifo emzimbeni kuhlanganisa isifo sikashukela, umfutho ophezulu, imidlavuza enhlobonhlobo, induku engasavuki nenciphayo isheshe iwe (kwabesilisa). Kowesimame akabe esaluhalela ucansi angabe esafika kalula kuvuthondaba ngenxa yemizwa ethunazekayo, amakhanda axakayo, ukugula ngomqondo, ingcindezi ebuchosheni nasemqondweni, ukuvuvukala kwemilenze, izinkinga zesikhumba ezixakayo ukuzelapha. Emuva kokuba umama esejoviwe, akuphelanga ihora wabe esezihambela ngezinyawo zakhe, ukujabula kwabhalwa ebusweni bakhe nobukababa wakwakhe. Kusukela ngalolo suku luka-Agasti impilo yashintsha njengabo bonke abadlula ezandleni zalomsebenzi kuba njalo. Wahlala, wafakwa imijovo ngedriphu izinsuku zilankanyana. Wehla ushukela wansondo.
Mangisho ukuthi ekuqaleni kwaba nzima kuye ukulandela indlela okwakumele adle ngayo, kunezikhathi lapho wayegcina esethatha nokudla kukababa wakwakhe. Kodwa sasheshe sakubamba lokho sakhulumisana naye saphinde samceba endodakazini owayeze ngayo esibhedlela.
Lo mama uhambe ushukela ususezingeni elemukelekile, ne-Fasting Insulin yakhe isingaphansi kuka-05. Nangaphakathi ekujuleni kokusebenza komzimba wakhe kwase kunenqubekela phambili enkulu, ingcabha yayisikuye kuphela owayengazenzela phansi.
Izifo zakhe owasezijwayele zawohloka. Kumanje uphila impilo yokuqikelela okungena emlonyeni, nendlela yokudla yalolu hlelo kulula ukuyilandela.
Noma ngubani angafana naye, ashintshe impilo iqhubekele phambili, ungavumeli izifo ezifana noshukela ziyidlavaze iphele singakafiki isikhathi.
Yenza konke okusemandleni ukulwela impilo yakho, akekho omunye oyokulwela ngaphandle kwakho.
Mpilonde!