ONGOTI bezempilo bathi kungakuhle ukuthi nabafana bagonyelwe ukuthi bangasitholi isifo socansi iHuman Papillomavirus (HPV) njengamantombazane.
Isikhungo esibhekele ukulawulwa kwezifo e-Africa, i-Africa Centre for Disease Control and Prevention (CDC), sithe iningi labantu abazibandakanya nocansi kuyenzeka bahaqwe ilesi sifo kodwa bangabi nolwazi lokuthi banaso.
IHPV kubantu abaningi besifazane uma ingelashwanga iholela ekutheni baphathwe umdlavuza wesibeletho.
Ukutheleleka nge-HPV ngokuvamile kudala ukukhula kwesikhumba noma ulwelwesi lwamafinyila (warts). Kunezinhlobo ezingaphezu kuka-100 ze-human papillomavirus (HPV). Ezinye izinhlobo zokutheleleka nge-human papillomavirus (HPV) zibanga izinsumpa, kanti ezinye zingadala izinhlobo ezahlukene zomdlavuza.
Izinhlobo eziningi ze-HPV azidali umdlavuza kodwa ezinye zidala umdlavuza womlomo wesibeletho. Ezinye izinhlobo zeHPV zidala umdlavuza wesitho sangasese sabesilisa, owomlomo wokulahla indle nowomphimbo i-oropharyngeal.
Ngokuvamile iHPV ithelelana ngokuya ocansini nomuntu onayo noma ngokuthintana kwesikhumba. Imithi yokugoma iyasiza ekugwemeni izinhlobo eziningi zeHPV ikakhulukazi ezidala umdlavuza wesibeletho nezinsumpa.
ENingizimu Afrika umgomo weHPV unikezwa amantombazane aneminyaka eyisishiyagalolunye kuya phezulu angakazibandakanyi nocansi, okwenziwa ezikoleni ngokubambisana phakathi koMnyango wezeMfundo eyiSisekelo noMnyango wezeMpilo, i-ACDC ithi nabafana kumele banikezwe lo mjovo
Odokotela bathi ukumunca isitho sangasese kunomthelela ekutheni kube nabantu abasha abaphayhwa umdlavuza womphimbo kanti abantu abasha kubukeka sengathi le ndlela yokwenza ucansi bayayithanda.
Kule nyanga amakhemisi abakwaDis-chem anomkhankaso wokufundisa ngokubaluleka kokugomela iHPV ikakhulukazi kubafana okuhambisana nokuthi le nyanga eyamadoda.
UNkk Lizeth Kruger, isikhulu somtholampilo wakwa-Dis-Chem, uthe: " Akukaze kukhulunywe kakhulu ngokubaluleka kokuthi nabesilisa kumele baligomele leli gciwane. Ukugonywa kwabafana kuzonikeza amantombazane ukuvikeleka okuphindiwe.
Yini eyimbangela ye-HPV emadodeni?
Igciwane lisabalala kakhulu ngesikhathi kuyiwa ocansini lwangemuva noma lwesitho sangasese sowesifazane nokuthintana kwesikhumba nesikhumba ezindaweni zangasese ngesikhathi kuyiwa ocansini.
Kunzima ukusho ukuthi leli gciwane likungene nini ngoba lingaquba emzimbeni wakho iminyaka ngaphambi kokuba kuvele izimpawu.
Yiziphi izimpawu ze-HPV?
Nakuba iningi lamadoda ane-HPV lingenazo izimpawu kodwa kuyenzeka abanye babe nezinsumpa esithweni sangasese, ukukhula okungavamile kwenyama kuso isitho sangasese, izimila . Uma ubona noma yikuphi okushiwo ngenhla kumele ubonane nodokotela ngokushesha.