Page lead
IPHINI likaMengameli wezwe futhi elinguSihlalo weSouth African National AIDS Council (Sanac), uMnuz Paul Mashatile limemezele ukuthi leli zwe selizibekele umgomo wohlelo oluzosiza ukulwa nesifo sofuba phecelezi i-Tuberculosis (TB), okuyisifo esiyingozi esibulala abantu bakuleli zwe nasemhlabeni jikelele cishe ukwedlula zonke ezinye izifo.
UMashatile usho kanje ekhuluma emcimbini wosuku lokuqwashisa ngalesi sifo emhlabeni jikelele i-World TB Day, obuseGamalakhe, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, lapho ethule khona inkulumo yosuku.
Enkulumweni yakhe, uthe sebeqale umkhankaso wokuhlola abantu abawu-5 million ukuthi abanaso yini lesi sifo kusukela manje kuze kushaye uMashi wangonyaka ozayo, uthe lokho kuzosiza ukufeza isibopho abazibekele sona sokuthi kunqotshwe lesi sifo eminyakeni ewu-10 ezayo ngo-2035.
“Lokhu sikwenze ngoba siqonda futhi sibona ukuthi lesi sifo siyaqhubeka nokuba yingozi emhlabeni, kubalwa nasezweni lethu futhi siyabona ukuthi ukuthula singenzi okwanele ngaso kuzokwenza ukuthi umonakalo esiwudalayo ube mkhulu kakhulu kunoyikhona manje.
“Okunye okwenze sabona kumqoka ukuthi sisukume wukuthi lesi sifo siyingozi kangangokuthi sesitholile ukuthi kukhona esibahaqile kodwa abangakhombisi izimpawu zaso, ekubeni beqhubeka nokusisabalalisa emphakathini futhi bethelela nabanye, lokho okwenze sabona ukuthi akekho umuntu ophephile kusona,” kusho uMashatile.
Eqhuba, uMashatile uthe ngaphezu kwalokho, banezinye futhi izinhlelo ezisosiza ukwenza umehluko, okukhona kuzona ukucijwa nokuqeqeshwa kwabasebenzi bezempilo ababhekele lesi sifo ngolwazi oluhambisana nesikhathi ukuthi bakwazi ukubhekana kahle naso.
“Sizoqhubeka futhi sishumayele ivangeli lokunqoba lesi sifo ngokukhuthaza abantu ukuthi basihlolele. Sizibophezele ukusebenzisana nezinye izinhlaka ezehlukene emhlabeni jikelele ukusiza ukuthi sithole amanye amacebo okunqoba isifo sofuba,” usho kanje.
UMashatile udalule nokuthi sezihuba sakusha ngomgomo okusacwaningwa ngawo ozosiza ukugwema ukusabalala kwalesi sifo kwesesibahaqile, nozosiza ngokuthi esingakamhaqi kungabi lula ukuthi simngene.
Kuwo futhi lo mcimbi bekukhona uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli noMphathiswa woMnyango wezeMpilo esifundazweni uNksz Nomagugu Simelane, nabo abashayele isipikili sokugcina begcizelela ukuthi abantu abakhuthalele ukuhlolelwa iTB. Isiqubulo sanonyaka sithi yebo singayiqeda iTB!