KUSENZIMA ukuthi amadoda aphumele obala aveze okuwaphethe kabi nokuholela ekutheni agcine ehlaselwa yizifo zengqondo.
Lokhu kushiwo yinhlangano esiza abafana abakhula ngaphandle kobaba, iCharacter Company, ukubakhuthaza ukuthi babhodle ukuze bavikele ukuphathwa izifo zengqondo.
UMnuz Jaco Schalkwyk uthe abafana bathathwa njengabantu okungafanele baveze obala ukuthi baphatheke kabi, ingasaphathwa eyokuthi bakhale.
“Izibalo zethu zokuzibulala ziyichaza ngokwanele le nkinga futhi ibonakala nangamazinga aphezulu obugebengu nodlame, udlame olubhekiswe kubantu besifazane kanye nobhubhane lokusebenzisa kabi izidakamizwa kuyo yonke imiphakathi yaseNingizimu Afrika,” echaza.
Impilo yengqondo yabesilisa ayivezwa ngenxa yamasiko nenkolelo yokuthi indoda ayikhali.
"Abafana kusukela besebancane batshelwa ukuthi ‘amadoda angempela awakhali’ nokuthi ukuveza ukuzwela okunjengokudabuka uma kunento embi eyenzekile, ukwesaba noma usizi, kuwuphawu lobuthakathaka," kusho uVan uSchalkwyk.
Uqhube wathi emphakathini lapho kunamasiko endabuko ubudoda buyaziswa kakhulu kanjalo nokucindezelwa kwemizwa ezinganeni zabafana nakubantu besilisa.
“Asibaniki abafana amathuba abawadingayo ukuze baveze imizwa yabo. Abafana nabantu besilisa jikelele basengozini yokuhlaselwa yisifo sengqondo esidalwa ukuthi imizwa yabo yobuhlungu, ukudabuka nosizi kumele bayivalela ngaphakathi,” exwayisa.
Uqhube wathi okunye okudala ingcindezi yesifo sengqondo ebafaneni wukukhula bengenabo obaba empilweni yabo.
"Inqwaba yezingane ikhula bengekho obaba eduze kwayo okudala ingozi enkulu nezinkinga eziningi zempilo yengqondo njengokungazethembi, ukuziqhelelanisa nabantu kanye nokucindezeleka. Uma abafana bekhula engekho umuntu wesilisa eduze kwabo, kungenzeka bathwale kanzima uma sebekhulile, bangakwazi ukwakha ubudlelwane obuhle empilweni yonke," kugcizelela uVan Schalkwyk.
UMnuz Modecai Ndlovu, ongumsunguli wenhlangano iMen in Black Doeks, ekhuthaza ukulingana kobulili, uthe ukhule emphakathini lapho abesifazane nabesilisa bengalingani. Wathi ngokubuka kwakhe, lesi simo besiholela ekutheni kube abesilisa ababa nodlame abalubhekise kwabesifazane.
“IBlack Doeks yazalwa yisifiso sokuphonsela la madoda inselelo, ngikhuthaze ukulingana ngokobulili. Uthe le nhlangano iba nezigcawu zabafana lapho kuboniswana khona ngobulungiswa ohlangothini lobulili, ukukhuthaza ukuthi kube nokubambisana nokulwela uguquko,” kusho uNdlovu.
Izinhlelo zikaNdlovu zisebenzela ukuqeda ukucwaswa okuvimbela amadoda amaningi ekutheni abhekane nezidingo zawo zempilo yengqondo futhi abe yingxenye yesixazululo seGBV kanye nezinkinga zempilo yengqondo.