IQEMBU iNkatha Freedom Party ikhiphe isitatimende esicacisa ngengozi eyenzeke kuN2, ngaseZinkwazi, ngoMgqibelo ntambama.
Ngokwesitatimende, imoto okuyiyona yodwa eginqike ngesikhathi umshayeli ehluleka ukuyilawula, yimoto ehamba umengameli weqembu uMnuz Velenkosini Hlabisa onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana Nezindaba zoMdabu kuleli.
"Okubuhlungu wukuthi umshayeli obehamba yedwa ngaleso sikhathi kuthiwa ushonele endaweni yesigameko,“ kusho i-IFP ngesitatimende.
Kubikwa ukuthi ngoMgqibelo ebusuku, umengameli weqembu uhlanganyele nomndeni walona wesilisa oneminyaka engu-35 ubudala okungumshayeli wakhe ngqo, edlulisa amazwi enduduzo futhi awazise ngalezi zindaba.
Yize ingacacile imbangela yengozi, abezimo eziphuthumayo benkampani i-IPSS Medical Rescue, okuyiyona efike yasiza kule ngozi, babalule ukuthi umshayeli uhlulekile ukulawula imoto yaginqika izikhathi ezimbalwa.