NKOSIKHONA CELE
LIVEZE izinhlelo zalo zonyaka ka-2025, ibandla i-Faith Church International elaziwa kakhulu ngokulekelela umphakathi ngezindlela ezahlukene.
UMphrofethi Sphamandla Khuzwayo ongumholi waleli bandla uveze ukuthi kulo nyaka ibandla lizogxila kakhulu ekulekeleleni kwezemfundo kanjalo nakumalungu omphakathi antulayo.
UKhuzwayo ubekade ekhuluma enkonzweni enkulu yokuvula unyaka yaleli bandla ebiseThekwini, ihanjelwe nangabazalwane bakwamanye amabandla.
UKhuzwayo uthe bahlale phansi nesigungu sebandla babona kumqoka ukuthi imfundo nomphakathi kube yizona zinto lezi ibandla elizibeka eqhulwini kulo nyaka.
"Imfundo iwukhiye ovula kuvuliwe kunoma yimuphi umuntu omusha onentshisekelo yayo. Yingako nje nathi lapha ebandlani siyazisa kakhulu kangaka,'' usho kanjena.
Uveze ukuthi bazokuba nohlelo lokulekelelwa ngemali kwalabo bafundi abazobe bengenayo imali yemifundaze.
"Lokhu sizobe sikwenza ngoba siyibandla elikuqonda kangcono ukubaluleka kwemfundo kulesi sikhathi samanje. Sikholwa ukuthi umphakathi onabantu abasha abafundile uba ngcono kakhulu,'' usho kanjena.
Ukhulume nangezinhlelo zokulekelelwa ngezindlela ezahlukene kwamalungu omphakathi, ikakhulukazi lawo avela ezindaweni ezisemakhaya.
Uthe lokhu bakubona kuyinto emqoka kakhulu ukuba mabayenze kulo nyaka, waveza ukuthi ziningi izingqinamba imindeni esemakhaya eye izithole ibhekene nazo.
"Okwethu kuzoba ukuletha usizo olwahlukene emindenini entulayo yasemakhaya,'' kusho yena.
Phakathi kosizo athe bazobe beluhambisa, ukulekelela ngosizo lwamagilosa okudla nyanga zonke kanye nezingubo zokugqoka.
Leli bandla ngonyaka owedlule beligubha ukuhlangana iminyaka eyisithupha lasungulwa.
"Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthi uhambe nathi kuyona yonke le minyaka. Sifuna ukumbonga ngokuthi senzele umphakathi okuhle,'' echaza.
Leli bandla laziwa kakhulu ngokuphulukisa abantu abagulayo lisebenzisa iziwasho ezahlukene.