OMUNYE wabadlali abafika kwiKaizer Chiefs benesithunzi kodwa ijezi eselimeqa ekhona, uGiven Msimango, udliwa unembeza ngenxa yenkulumo yomqeqeshi waMakhosi, uNasreddine Nabi, yokuthi uthungatha abadlali “abawuhlobo” lwaleli qembu laseNaturena.
UMsimango owafika kwiChiefs ngo-2023, kade ewukaputeni we-TS Galaxy ulizwa ngendaba ijezi kusukela kufike, uNasreddine Nabi, nethimba lakhe kuMakhosi.
Ubufakazi balokhu ukuthi kule sizini uMsimango usadlale kwemine kuphela yeligi nakhona ngoba u-Inacio Miguel, ubesesigwebeni samakhadi, noma kukhona olimele.
IChiefs yayikade ibambane neqembu lakudala likaMsimango iGalaxy ngoDisemba 16 lapho uNabi atshela khona abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi umatasa uthungatha abadlali abawuhlobo lweChiefs yodumo.
“Sinabadlali abenza into eyodwa bonke ikakhulukazi kwabaphambili kodwa okusobala ukuthi kufanele siphume umkhankaso sithungathe abadlali abawuhlobo leChiefs yakudala,” kusho uNabi kwabezindaba ngenyanga edlule.
Kwaba nemvunge kubalandeli beChiefs ezinkundleni zokuxhumana ngenxa yale nkulumo yalo mqeqeshi waseTunisia.
Ngesikhathi Isolezwe lixoxa noMsimango muva nje kade eseThekwini, ukhombise izimpawu zokuthi nakubona bengabadlali la mazwi ahlaba aphukela.
“Ngokwami umuntu okufanele kubhekiswe kuyena lo mbuzo uyena umqeqeshi (uNabi) ngoba mina okwami ukuthatha imiyalelo bese ngizama ngakho konke okusemandleni ami ukusiza iqembu,” kusho uMsimango ephendula ukuthi bayetshisa kanjani le nkulumo bengabadlali.
“Okuhle ngami ukuthi ngiyazethemba, ngiyakholelwa kimina futhi ngineme ngokuthi abangiletha kwiChiefs bakhombisa izimpawu zokwaneliseka ngalokhu engikwenzayo uma nginikwe ithuba.
“Ngizimisele ukuphendula konke okuthinta mina kumbe okukhulunywe imina, hhayi okushiwo omunye umuntu. Ngicabanga ukuthi umqeqeshi uyena ongachaza kahle ukuthi wayeqonde ukuthini ngale nkulumo yakhe,” kusho uMsimango.
Lo mdlali ukushilo nokuthi ujabule ngesinqumo seChiefs sokuletha emimye yemidlalo yayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo weChiefs weligi olandelayo neLamontville Golden Arrows ngeSonto uzodlalelwa kule nkundla yaseThekwini.
“Kuhlale kuyinjabulo kithina ukubona abalandeli bethu bakwezinye izindawo ngakho-ke lokhu okwenziwe yiqembu siyakuthakasela kakhulu.
“IChiefs isuke isekhaya noma kuphi, kodwa eThekwini kunalowo muzwa ohlukile kunakwezinye izindawo,” kusho uMsimango.
Sekungumlando ukuthi umdlalo wokuqala wasekhaya weChiefs eThekwini, kule sizini iwunqobe ngo 1-0 kwiChippa United ngoDisemba 29.