ISANGOMA saseMpumalanga esingusomabhizinisi siphinde silwele amalungelo abantu abathandana nabobulili obufanayo, uTyra Sindane odume ngelikaGogo Manzini, sesiveze ukuthi sibabele phesheya kwezilwandle njengoba siyoshintsha umzimba waso.
UGogo Manzini uthe konke sekumi ngomumo ngohambo lwakhe olubheke eTurkey.
Izinto athe uyozishintsha emzimbeni kubalwa ikhala, amehlo, anciphise isisu, afake amabele nezinqa.
Ngo-2023 ushintshe ibala lesikhumba njengoba ebefuna ukuthi akhanye kancane.
“Ngifuna ukushintsha indlela engibukeka ngayo. Ngifuna ukufana nonodoli, konke ngifuna kume ngendlela efunwa yimina. Umzimba wami ngifuna ube yile nto engiyithandayo mina,” kusho uGogo Manzini.
Uthe ukushintsha umzimba kuzomenza abe nokuzethemba okukhulu futhi akwazi ukugqoka ngendlela ayithandayo, okungeke abe nemibuzo uma ezibuka.
“Akekho umuntu ongathi yena uyawuthanda umzimba wakhe uma ezibuka. Nami ngibone ukuthi angihambe ngiyolungisa lokhu uNkulunkulu angiphe kona ngikwenze kube yilokhu okufunwa imina. Bese kuyiminyaka ngifuna ukuba nezinqa ezinkulu, ukuze izimpahla zami ezibizayo zingifanele uma ngigqokile,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi wenze ucwaningo olunzulu ngaphambi kokuthi akhethe odokotela abazomshintsha indlela abukeka ngayo.
Uthe afuna ukukuqeda ukuthi izangoma azizinaki.
Abanye osaziwayo asebeke bashintsha indlela ababukeka ngayo kubalwa uKhanyi Mbau, Faith Nketsi, LaConco, Boity, Sithelo Shozi, Nonku Williams, Cyan Boujee nabanye.