NJENGOBA sisenyangeni eyaziwa ngokuthi eyothando futhi enosuku olubizwa nge-Valentine’s, lapho abantu bevame ukujabulela khona ubudlelwano babo nezinqandamathe zabo - nabezempilo bayakuncoma lokhu futhi bakuthatha njengesisekelo esihle sokuphila komqondo.
Isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, sikholwa wukuthi usuku lwezithandani akulona elokuphana oshokoledi nezimbali nje kuphela, kepha futhi wusuku nesikhathi ongakwazi ukukusebenzisa ukwenza ngcono isimo sakho somqondo.
“Uthando nje lulodwa lwehlisa ukhwantalala nokugqilazeka komqondo futhi luyasiza ukukwenza ube nomfutho ezintweni ozenzayo, lukusize nangokuthi umoya nomzimba wakho kukhululeke. Ngakho ukuba sebudlelwaneni bothando obuhle nobumnandi kungakusiza ngokuthi kudedele ama-hormone omzimba nama-chemical akusiza ube nomoya okhululekile nojabule, okungenza uhlale ukhululekile,” kusho isikhungo.
Ngabe uyazibuza ukuthi uthando lulumbana kanjani nokuphela kokhwantalala kumuntu? Nazi izimpendulo ngezansi:
– I-Oxytocin: Lena yi-hormone abanye abayibiza nge-cuddle hormone, ephumayo emzimbeni womuntu ngezikhathi lapho eseduze nomuntu amthandayo okungaba ngokumqabula, wukumanga noma ukuhlala nje ndawonye. Le hormone isiza ukwehlisa ukhwantalala emzimbeni, yenze uhlale ukhululekile.
– I-Dopamine: Lena yi-chemical ekhululeka emzimbeni womuntu uma engena ebudlelwaneni bezothando, isuka engqondweni, bese yenza ukuthi uhlale uchichima yinjabulo, ukhululeke emqondweni.
– Ukuhlala nomuntu omthandayo kungaphezu kokukwenza uhlale umamatheka kuphela, kepha kuyakukhulula emoyeni wakho. Kungasiza nangokugwema ukuhlale ugula, mhlawumbe ngokuphathwa yikhanda nobuhlungu kwemisipha. Amandla othando akwenza ukuthi ukhululeke futhi ube nomfutho ngesinye sezizathu ezenza lubaluleke emqondweni womuntu. Okunye futhi okuhle ngokuba sebudlelwaneni bothando wukuthi kuqeda umuzwa womzwangedwa, ongenye yezinto nezimo ezenza ukuthi umuntu agqilazeke emqondweni wakhe.
– Okunye nokho okumele ukuqaphele nokumele ukwazi wukuthi awudingi ukuba sebudlelwaneni bezothando lobulili obehlukene ukuze ujabulele izinto nemizwa emihle eyenziwa wuthando emqondweni womuntu. Ukwakha ubudlelwano obuqinile nokuxhumana okuhle namalungu omndeni wakho nabangani bakho kungakusebenzela kakhulu kulokhu.
– Uma ususebudlelwani bothando; okungaba nesinqandamathe sakho, amalungu omndeni nabangani, kusemqoka ukuthi ugxile ekutheni lobo budlelwano bungaqedwa yizinto ezingezinhle njengokungahloniphani, ukungathembeki, wukungesekani nokungaxhumani ngendlela efanele nomuntu omthandayo.