UKUNGASITHOLI isikhathi esanele sokulala uphumule phakathi nezinsuku ngenxa yomthamo omkhulu wezinto abantu abasuke bematasa ngazo, kwenza abanye baziduduze ngokuthi basuke bezophumula kahle ngezimpelasonto ukuzama ukuqeda ukukhathala kwesonto lonke.
Nokho isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health sesicebise ngokuthi uma ungasitholi isikhathi esanele sokuphumula phakathi nezinsuku, kufana nokuthi udlala ngesikhathi sakho uma ucabanga ukuthi ukulala amahora amaningi ngempelasonto kuzokwenza umehluko, njengoba bethi kufana nokuthi uthela amanzi esigujini esivuzayo.
Isikhulu esiphezulu se-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett, sithe ukulala ngokwanele kusiza kakhulu ukukhulula umzimba womuntu ngokwenza isikhumba sakhe sibe nempilo futhi sihlale sibukeka sisisha.
"Uma silala, isikhumba sethu sibuyelwa ngamandla, kuthi nama-cell omzimba abesekhathele, abuyelwe ngamandla okusiza ukugcina isikhumba sakho sihlale sinempilo, okwenza uhlale ubukeka umusha ngisho usumdala kakhulu," kusho uHewlett.
"Ukungalali ngokwanele kuba nomthelela ongemuhle emzimbeni wakho njengoba kuvele kubonakale ebusweni futhi kungaholela ekushintsheni kwendlela obukeka ngayo, ube nezigobhe emehlweni futhi kwenza nokuthi ube nemibimbi kungafanele," usho kanje.
Uthe ukulala amahora okungenani ayisikhombisa kuya kwayisishiyagalolunye njalo ebusuku kungaba wusizo kakhulu esikhumbeni sakho, kwenze igazi ligijime ngendlela efanele emzimbeni, futhi kwehlisa nokhwantalala oludalwa wukushintsha kwama-hormone.
"Okunye okulekelela ekwenzeni lokho wukuqikelela ukuthi igumbi lakho liba sesimweni esihle futhi lihlanzeke okwenza umoya ukhululeke ungena nje uzolala kulona. Gwema nokudla noma ukuphuza isiphuzo esibandayo noma esinamandla ebusuku ngoba lokho kungakuphazamisa ekulaleleni kwakho," kucebisa uHewlett.
Nakhu okumele ukwazi ngokulala ngokwanele nokungenele:
- Kungamampunge ukuthi ukulala isikhathi eside ngempelasonto kukhokha ubuthongo ongabutholanga phakathi nezinsuku, yingakho kumqoka ukulala ngokwanele nsuku zonke.
- Nakuba ukulala ngokwanele kumqoka kepha akumele ulale kuze kweve emahoreni ayisishiyagallunye ngoba lokho kungadala izinkinga eziyamene nezempilo.
- Ukulala ngesisu noma ngohlangothi kwenza ugcine usunemigqa esiswini noma ezinhlangothini ngokuqhubeka kwesikhathi, kanti ukulala ngengemuva lomzimba wakho usebenzise i-pillowcase kungakusiza ukuvikela isikhumba sakho.
- Ukungalali ngokwanele kuyashesha ukubonakala kumuntu futhi akufihleki, ngakho zijwayeze ukulala ngokwanele ukuze uhlale usesimweni esifanele.
- Nakuba imikhiqizo yesikhumba isiza esikhunjeni sakho, kepha umsebenzi ewenzayo ngeke ifaniswe noma ilinganiswe nobukhulu bomehluko owenziwa wukulala ngokwanele.