Simangaliso Ntshangase
UKUZINZA emkhakheni wokumodela, nokuqaphelisisa iqhaza lakho ekuhlomiseni abantu abasha ikakhulu amantombazane, kwenze obekulo mkhakha wafisa ukwedlulisa lolo lwazi kwabanye.
Iqale kanjalo inkampani ecija izingane zamantombazane kwezokumodela iHouse of Winners Modelling Agency, kaNksz Thandeka Cele (30) owaziwa ngelikaNickita, osebenzisa amava anawo ukutshala imbewu yokuziphatha kahle, ayifunde khona.
Elandisa Isolezwe ngale nkampani ayisungule ngo-2022, uNksz Cele uthe okunye okwenza wafisa ukuphonsa itshe esivivaneni kwabeza ngemuva, wukuthi eminyakeni edlule esamodela ubevame ukuwola izindondo nemiklomelo ehlukene, okwenze kwanda isibalo sabantu abamthintayo, befuna ukuthi abacobelele ngolwazi ngale mboni.
“Yilapho engiqale khona kancane, kancane ngihlanganisa izingane ezincane zamantombazane wodwa ukuzicija ngalo mkhakha. Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi ngagcina ngibona ukuthi kuwumsebenzi engingakwazi ukungenisa imali ngawo, ngibe ngiqhubeka ngisiza izingane ezincane ukumodela,” usho kanje.
Uthe manje ubiza uR750 kumuntu ngamunye ofuna ukujoyina inkampani yakhe, okuthi uma esengene kuyona bamcathulise ngolwazi futhi bamnikeze amathuba okungenela imincintiswano. Uqhube wathi akhona amanye amathuba ayamene nalokho, okungaba awokumaketha imikhiqizo ethile yezinkampani ezehlukene. Okwamanje unamalungu angaphezu kwa-40 acijwa enkampanini yakhe.
“Enye into eyenza ukuthi ngehluke kwabanye wukuthi mina angithathi lutho lomholo noma inzuzo kanobuhle uma sekukhona akuhlomulile ngokusebenza kwakhe njengoba abanye bakule ndima benza kanjalo. Umuntu ngiyamyeka, ajabule futhi adle izithukuthuku zokusebenza kwakhe kanzima ngaphandle kokufuna intshontsho kulokho,” usho kanje.
Mayelana nezinhlelo zangomuso, uNksz Cele waseZingolweni, ePort Shesptone, uthe ufisa ukuthi agcine enendawo eqondile yokusebenzela ngoba okwamanje usacuphe eBat Centre, eThekwini.
“Ngizimisele nangokuqhubeka ngicije izingane zamantombazane ngobumqoka balo mkhakha futhi ngingenise nakwezinye izindawo - ngingagcini eThekwini namaphethelo kuphela,” kusho uNksz Cele futhi onekhono lokucula nokulingisa.