NOKUBONGWA PHENYANE
LICISHE laphonswa emfuleni wumphakathi obudinwe uveva ebhulohweni okumuke kulo umfundi ka-matric oshone ngesonto eledlule ikhansela laseMolweni, eThekwini, uMnuz Siyabonga Nala, ngoba ulisola ngokungalusukumeli udaba lwengqalasizinda.
Imvula yangesonto eledlule iphinde yadala omunye umonakalo emndenini wakwaDlamini kule ndawo njengoba ushiywe yindodakazi yawo ebifunda u-matric eTholulwazi High, uNomzamo Dlamini.
UNksz Londiwe Zulu othinte Isolezwe ngalolu daba uveze ukuthi kusuka ngezikhukhula zango-2022, baqala bafuna kusukunyelwe indaba yamabhuloho amabili anenkinga okuyiwona abawasebenzisayo.
“Ngo-2022 kwamuka abantu ababili namanje abangakaze batholakale ngenxa yaso isimo samabhuloho angekho esimweni esikahle. Salixusa ikhansela kodwa lilokhu lithembisa ukuthi azolungiswa futhi ngisho imali yawo isikhishiwe, namanje akukaze kwenzeke lutho. Ngenxa yokwanda kwezigameko ezifana nalezi sikhethe ukuthi noLwesibili (namhlanje) singene emgwaqweni sibe nemashi ukuze kucace ukuthi sesikhathele isimo esiphila ngaphansi kwaso ngoba imvula ina iphindelela,” kuchaza yena.
Uveze ukuthi abakufisayo ukuthi kufike iMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba izozwa izikhalo zabo futhi ibone nesimo samabhuloho ukuthi asigculisi neze.
“Bekumele izingane ziye esikoleni ezinye zijikile zangaya,ngoba amanzi asemaningi futhi ziyesaba ngenxa yesigameko esisanda kwenzeka,” kuchaza yena.
Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa liveze ukuthi eyalo imoto isihlala emizini engaphesheya njengoba bengakwazi ukuwela ngazo uma izulu lilibi.
“Umphakathi ubudinwe ufile ngesikhathi kutholakala isidumbu sale ngane ngoMgqibelo, abanye bebesho ukumphonsa kuwona umfula uNala ngenxa yokulokhu ekhuluma izinto ezingahlangani, ngoba abukho ubuqiniso kuyona yonke into ayitshela umphakathi uma kunemihlangano,” kuchaza leli lungu lomphakathi.
Imizamo yokuthola ikhansela ayiphumelelanga njengoba ucingo lwalo belukhala lungabanjwa.
Kodwa uNala ekhasini lakhe enkundleni yokuxhumana uvezile ukuthi usebonene nomndeni wakwaDlamini.
"Ikhansela uNala beliyobonana nomndeni waseLower Molweni lihambisana nowayeyikhansela phambilini uSimphiwe Mncube kanye namalungu ekomiti ase-Lower Molweni beyovela emndenini wakwaDlamini okuthe ngempelasonto kwatholakala isidumbu somntwana wakhona omuke namanzi.
"Ikhansela lidlulise amazwi enduduzo emndenini laphinde lawazisa ngokuzimisela koMkhandlu weTheku ukulekelela lapho okungadingeka khona usizo ezidingweni zomngcwabo. Ikhansela uNala liyaqhubeka nokukhuluma noMkhandlu weTheku ukuthi uphuthumise usizo ngokushesha ukugwema ezinye izinhlekelele," kubhalwe kanje.