Nkosikhona Cele
BENZE abadume ngazo izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini abesilisa abahlanu abathweswe uMbuso icala lokubulalaa abangu-8 ehostela iGlebelands kubangwa imibhede, belaxaza ummeli ngomzuzu wokugcina.
Abamangalelwa kuleli cala ngoMnuz Bongile Mabele (34), Siyamthemba Zintenteni Mthwana (32), Nkosayikhethi Njeya (35), Bongani Patrick Mboyiyana (38), noSibusiso Mkhonde (41) bonke ababehlala ngaphakathi ehostela iGlebelands.
Bonke babekwe amacala okubulala kanjalo namane okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni. Laba basanda kulahlwa yile nkantolo ngamacala okubulala oMnuz Phakamani Lukhozi, Thamsanqa Helman Shongwe, Mpilo Christopher Khumalo, Lungani Sikobi, Yandisa Ennox Msungubali, Nkululeko Freedom Lukhozi, Bongani Petros Mkane noMxolisi Comfort Mthethwa. Inkantolo yabakhipha phambili kwelokubulawa kukaMnuz Mandla Bhodloza Mncaka.
Ababebulawa bonke kuthiwa babedutshulwa ekhanda, entanyeni nasesifubeni. Kuvela ukuthi abafi babulawa behlezi ndawonye ngoJuni 2, 2023 eBlock 57 kulona leli hostela. Phambilini enkantolo kwahlaluka ukuthi umnyombo wokubulawa kwabo kwabe kungumbango wemibhede owawusha phansi ngaleso sikhathi.
Kwavela ukuthi abamangalelwa babekhipha abathile embhedeni ngodli, bese befaka abangani babo. Ngokwenza lokhu kuthiwa babehlomula ngo-R6 000 umbhede ngamunye. Izolo inkantolo bekulindeleke ukuthi ikhiphe isigwebo sabo kodwa kwangenzeka.
Kunalokho kuvele kwasukuma ummeli wabo, u-Advocate J. Walmaraas watshela iJaji Busisiwe Masipa ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka nokubamela ngoba sebekhala ngokuphundleka ephaketheni, bathi kabasenayo imali yokumkhokhela.
"Nkosi yenkantolo ngizocela ukuthi ungikhulule kuleli cala, ngeke ngisaqhubeka nokubamela abasolwa ngenxa yokuthi kukhona esingasavumelanai ngakho futhi bathi kabasenayo imali yokungikhokhela,'' usho kanjena.
IJaji Masipa libe nemibuzo eminingi mayelana nalokhu libuza ukuthi kungani lokhu kuzokwenzeka ngesigaba esibucayi kangaka lapho khona laba besilisa sekumele kukhishwe isigwebo sabo. Omele uMbuso uRakeshi Singh uzwakalise ukungenami nhlobo ngobekwenzeka.
Lokhu obekwenzeka izolo kule nkantolo ecaleni elifanayo bese kuyimpinda yokwenzeka noJanuwari 7 ngesikhathi uWalmaraas ehoxa ekumeleni abasolwa sekufinyelelwe esigabeni sokuba kuphume isinqumo.
Ngalolo suku kwaba khona umunyu nezinyembezi kumalungu emindeni yabafi njengoba babekade bekubheke ngabomvu ukuphuma kwesinqumo. Kwehlula noma uMbuso sewulwa uthi ngeke ukuvumele lokho ukuba kwenzeke kodwa iJaji uMasipa lathi iqiniso ukuthi alikwazi ukubalahla ngecala abantu abangenaye ummeli.
Kodwa abasolwa babuye bashaya ungqimphothwe bambuyisa ummeli wabo. Izolo kuvunyelwane ngokuthi icala lihlehlele u-Ephreli 17 ukuze kulungiswe inkinga yommeli.
Kuqhubeka leli cala nje, ihostela selaphenduka laba yikwajombigazi. Udaba lwakhona lwake lwasukunyelwa owayekade engumvikeli womphakathi owayebambile ngaleso sikhathi u-Advocate Kholeka Gcaleka kanti nowake waba umvikeli womphakathi uSolwazi Thuli Madonsela wake walivakashela ihostela.
Naloyo owayengungongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele wake waya khona, kodwa bonke imizamo yabo yokuletha ukuthula ayiphumelelanga. Namabandla ngokwehlukana kwawo ake aya ehambisa izinkonzo kulona kodwa kufane nokuthi kuthelwa amanzi emhlane wedada nje, iqhubeke inganono kuphume imiphefumulo.