SEBEPHELELWE yithemba lokuthi kuzoshaya umnqamlajuqu bewashintshile amakhadi abo amadala ayigolide akwa-Sassa, bewashintshela emakhadini amasha amanyama ase-Postbank njengoba bekhala ngokuhamba ngonyawo lonwabu kwalolu hlelo.
Isolezwe lihambele eShoprite kuWest Street eThekwini izolo lapho izinkumbi zabantu bezishaye khona ujenge zifuna ukuzoshintsha amakhadi amadala. Bangalinganiselwa ezinkulungwaneni ezimbili abantu ebebeshaye ulayini izolo futhi bevela ezindaweni ezahlukene okubandakanya uMlaza, KwaMashu, Adams, Pinetown, Mbumbulu, KwaMakhutha nezinye eziningi.
Abanye bese behlezi phansi usizi lubonakala emehlweni nje. Abanye kuhlalukile ukuthi badubile baphindela emakhaya bekhala ngokuhlukumezeka. Abakhulume neSolezwe bakhale kakhulu ngokungahleleki kwalolu hlelo nokuthi lubonakala luhamba ngonyawo lonwabu okuhambisana nokubaqeda isineke.
UNksz Slindile Cele waseMbumbulu uthe usuku lwesine lolu ezama ukwenza into eyodwa kodwa engaphumeleli. Uthe useqala ukulilahla manje ithemba lokuthi le nto izoke ilunge.
"Angisazi mina manje ukuthi kumele ngenze njani sengize ngaphelelwa nawuthando lokulokhu ngenza into eyodwa njalo,'' usho kanjena. Uthe njalo uma efikile, ugcina engazange afinyelele phambili njengoba baye batshelwe ukuthi kuyavalwa uma sekushaye ihora lesine ntambama.
UNksz Nomalanga Ngobese wasePinetown uthe usuku lwesithathu lolu evuka ekuseni ngesikabhadakazi enethemba lokuthi kuzolunga kodwa akhale ngaphansi. Uthe uyabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngalolu hlelo.
Uthe okufike kubaxake kakhulu ukuthi usuke ephambili kodwa uze ahambe engazange aluthole usizo.
''Ukuba phambili nokuba semuva kuyafana nje kulolu hlelo. Into abayenzayo uma kufika ugogo bamane bamthathe baqale ngaye. Uma kukhona umuntu okhulelwe abambonayo bayamthatha naye bamyise phambili. Uma bebona ophila nokukhubazeka naye bayamthatha baqale ngaye. Ngesikhathi benza kanjalo thina silokhu sihlehlela emuva nje futhi okwethu okwezandla inkosi impela,'' usho knajena.
UNksz Nokwanda Vezi utshele Isolezwe ukuthi useze waphelelwa yimali yokuthi angaphinde abuyele kule ndawo kusasa esho namhlanje.
"Ukuba bengizoba nayo imali bengizothini phela bengizobuya futhi ngizozama inhlanhla manje ayisekho kwayona imali,'' usho kanjena. Sengililahlile ithemba lokuthi kuzoshaya lolu suku olungumnqamlajuqu sengilishintshile ikhadi lami elidala,'' kuchaza yena.
Abaningi abebeshaye ujenge bese kubonakala ukuthi sebeqala ukunengeka ngendlela izinto ebezibonakala zihamba ngayo.
Abanye bebeze balimise ngesihloko elokuthi kabakholwa nokuthi kuyasetshenzwa ngaphakathi. Intatheli isondelile yangena ngaphakathi yabona ukuthi kuyasetshenzwa, kodwa abantu abaningi ngogogo nabaphila nokukhubazeka.
Yize sebephonse ithawula kanjena kodwa oyisikhulu esiphezulu se-Postbank, uNksz Nikki Mbengashe uthe phansi amaphaphu ngoba bazokwazi ukuhola imali yabo emaPosini okuzoshaya isikhathi somnqamlajuqu bengakwazanga ukushintsha amakhadi amadala.
Yize abanye bebona luhamba ngonyawo lonwabu lolu hlelo kodwa yena uthe lusahamba kahle njengoba sebeshintshe amakhadi angu-1.1 million selokhu kuqale lolu hlelo lokuwashintsha.
"Sikhuthaza abantu ukuba baqhubeke nokuthi bashintshe amakhadi noma sekudlule uMashi 20, 2025 okuwusuku lokugcina lokusebenza kwamakhadi amadala ayigolide,'' usho kanjena.
Uthe bayakwamukela ukugxekwa ngokuthi lolu hlelo lwaba nebatha ngenxa yokushoda kwezindawo zokushintsha amakhadi.
"Sasikade sihlele ukuthi lolu hlelo luthathe izinyanga eziyisithupha. Sasibheke ukuthi okungenani ngosuku sishintshe amakhadi angu-21 600 ukuze sibaqede bonke,'' echaza.
Udalule ukuthi ngoFebhuwari bakwazile ukuthi bashintshe amakhadi angu-450 000. Selokhu kuqale uMashi udalule ukuthi sebekwazile ukushintsha angu-200 000.