MHLELI: Ngathintwa udaba lwentatheli yakho uZimbili Vilakazi: "Yeka ubuhle bomlando weNanda esiphenduke umfula wegazi nosizi".(Isolezwe Ngempelasonto 15-16 Febhuwari 2025). Wachaza naye okaMphephethe wageqa amagula ngendlela azi ngayo.
Yebo ukugobhoza kwegazi kugcwele izwe lonke, kodwa mina ngikholwa ukuthi kukhona okuphuthumayo okumele kwenziwe laphaya. ENanda kulele abaholi bezenkolo ababehlonishwa futhi abathuthukisa leya ndawo ngezindlela ezehlukene. Ngingabala uMfu Pixely Seme, Dr JL Dube kaKhayabonina kaDabeka kaDube kaSlwane Ngcobo, kanjalo nomsunguli webandla lamaNazaretha uMpropheth IM.Shembe "uMqaliwendlela" nabanye abamlandelayo.
Akukwazike ukuthi indawo okwafikela kuyo inkanyezi yoxolo nobunye esizweni esimnyama, yakha umuzi waseKuphakameni kuthiwe kungagobhoza igazi kanjena kungenagcobo. Umsindo owaba khona ngokukhothama komholi wesibili webandla ubaba u-JG Shembe waholela ekutheni kube nempi ngo-11 Disemba 1977 kwafa abantu abayisithupha. Le mpi yayiphakathi kwamaNazaretha wodwa. Manje akukwazike ukuthi kungaba nokuthula kuleya ndawo okwachitheka kuyo igazi lamakholwa lichithwa ngamakholwa.
Akuzwakali ukuthi endaweni okulele kuyo abaholi benkolo kuyasa kugobhoza igazi. Namakhosi esizwe sakwaNgcobo njengoba iNanda ingaphansi kwesizwe samaQadi alele khona lapho.
Imindeni yabathintekayo kulokhuya kubulalana kumele ihlangane ibuyisane,ishwelezelane ukuhlambulula lowaya mshophi owehlayo phakathi kwabangcwele bebodwa.
Ngomhla ka-17 Januwari kophezulu kwabulawa Induna uJacob Nzuza ngaphakathi esigodlweni senkosi MB Ngcobo. INanda ingaphansi kwenkosi uNgcobo njengoba sengichazile. Nalokho nje kusho enye into ukuthi kuzodutshulwa induna ngaphakathi emabaleni akomkhulu.
Abantu baseNanda abahlangane babhunge lolu daba ngokubambisana nenkosi yamaQadi, ikakhulukazi amalungu ebandla. Akubekwe eceleni ukwehlukana kwawo ngoba onke angakaBhombela,futhi lolu daba seluvukela nabantu abaningi abangathinteki kulo. Kodwa ngenxa yokuthi bafikela endaweni eyake yaba nesigameko segazi sebethelwa ngamachaphazelo.
Ibuhlungu kakhulu impilo ephilwa abantu baseNanda, siyibuka sikude.
Phila Mthethwa
EMPANGENI