YIZE uGlen Gabela eyinkakha yomlingisi osehlonishwa umhlaba wonke ngamagalelo akhe emidlalweni yethelevishini nasemafilimini kodwa usexosha ikati eziko ngesibonelelo sikahulumeni sezaguga.
UGabela, odume kakhulu esenguMfundisi Melusi Mdletshe kuZalo, uqale ukwaziwa endimeni yokulingisa edlala emdlalweni wethelevishini owawuzigcawugcawu othi Shaka Zulu ngo-1986. Ukuvelela kule filimu kwamenza wagcina eselingisa efilimini ethi Okavango (1989), Warriors From Hell (1990), Guns of Honour (1994), The Ghost and The Darkness (1996), Soldiers or the Rock (2003),Red Dust (2004), The Good Fight (2006) nethi Score (2006).
Ubuye walingisa kwiGenerations, Isidingo, Backstage, Justice For All, Yizo Yizo, Soul Buddyz, My Brother's Keeper, Jacob's Cross, Remix, Erfsonders, Doubt, Hopeville, Heartlines, Intersexions, Izingane Zobaba, Zolile neMolo Fish.
Phezu kwala mava, uGabela uthi uze wafaka isicelo sempesheni yokuguga ngenxa yokuthi ubengasazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze alwe nenkemane.
Egonyuluka kwiThe Voice with Palesa kuYouTube, uGabela uthe usizi lwakhe lwaqala mhlazane ijazi ligcwala umoya kuye kuZalo.
Uthe wakhonjwa indlela kuZalo ekubeni wayetshelwe ukuthi wayezolingisa kulo mdlalo ngokugcwele kusukela kuSeason 3.
Uthe washaqeka kwaphela nasozwanini ngolunye usuku ebizelwa ehhovisi maqede watshelwa emehlweni ukuthi ligqabukile igoda phakathi kwakhe nalo mdlalo.
"Kwathiwa ngixoshwa ngoba ababhali babengasazi ukuthi benzenjani ngendawo yami."
Uthe kusukela lapho impilo yakhe ayiphindanga yafana nakuqala njengoba adlelwa umuzi wakhe owawuseMdloti kanye nemoto ayehamba ngayo.
"Ngenxa yalokho umntwana wami wentombazane engamgimondla ngamgcina ngo-2018."
Uthe akazi unina wamtshelani ngoba wayengasamfuni nalapho ehambe khona.
Eqhuba uGabela uthe okubuhlungu ukuthi nonina wendodakazi yakhe usadlula emhlabeni ekubeni babengakalulungisi lolu daba.
"Ngikhuluma nje ngihlala ngedwa. Uma kungenzeka ngidlula emhlabeni, isidumbu sami siyotholakala sesabola kudala ngoba ngihlale ngizivalele endlini."
Kwenzeka lokhu nje imidlalo abelingisa kuyo uGabela isasakazwa eziteshini zethelevishini, naye usavezwa. Uthe abadidiyeli bemidlalo namafilimu babuye bengabinalo iqiniso.
Uthe nakwiShaka Zulu wagitsheliswa ibhanoyi kusaqoshwa kodwa kuthe sekuphothuliwe kwathiwa akabuyele eGoli ngebhasi. NoR40 000 ayethenjiswe wona uGabela uthe akabange esawunuka kodwa wakhokhelwa uR7000 kuphela.
Yize kulikhuni kunjalo kodwa uthi yapatanisa ngemali yempesheni.