UKHALE ngokwenziwa inhlekisa ngabesifazane ababulala, wadalula nokuthi unesithembu, uLungani Thengokwakhe Mthethwa (31) obethweswe uMbuso icala lokubulala uNksz Gabrielice Zizipho ''Ntuntu'' Gabisa noNksz Anele Mbokazi.
Izolo, iNkantolo eNkulu yaseThekwini izwe uMthethwa encwadini yakhe abegonyuluka kuyona ngakho konke okwenzeka ngosuku lwesigameko. Ukhale kakhulu ngakubize ngokumosheka kwemali yakhe ebantwini besifazane athe bagcina sebemenza inhlekisa.
Kuzokhumbuleka phela ukuthi isigameko sokubulawa kwalaba esenzeke ngo-Agasti 25, eKenville, eThekwini, saba yindaba egudwini. Izidumbu zabo zatholakala zidutshuliwe emakhanda nasesifubeni. Ngemuva kwesikhashana uMthethwa nomngani wakhe omkhulum, uMnuz Sandile Alex Chili, bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela beseSouth Beach.
UChili ugcine ephunyuka kulolu gibe ngemuva kokuba echakide umngani wakhe wase eba sohlangothini loMbuso. Izolo ummeli kaMthethwa, u-Advocate Bheki Manyathi, ufunde yonke ingonyuluka ngokwenzeka ngalolu suku.
Kule ncwadi uMthethwa uyilanda indaba isukela ngo-Agasti 10, okuyilapho athi bahlangana nabafi beze emcimbini wesintu owawuseNdwedwe. Uma eqhuba uthi wazizwa eshiswa uthando lukaNksz Mbokazi, wehluleka ukuzibamba wase ecela izinombolo zakhe zeselula, nebala wazithola.
Uthe ngakulunye uhlangothi, umngani wakhe uChili yena wayesho amashushushu ngoNksz Gabisa naye ngokunjalo wazithola izinombolo zakhe. Uveze ukuthi abafi bobabili babekade behlala eWaterloo, ngaseVerulam. Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, uthe washayela ucingo uNksz Mbokazi wase evakashela umufi lapho ayesebenzela khona esibhedlela Inkosi Albert Luthuli.
Ngalolu suku, uthe yamqoma intombi bavumelana ngokuthi bathandane. Ngo-Agasti 23, uMthethwa uthe waphinde washayela ucingo uNksz Mbokazi emcela ukuba amkhiphe, nebala wavuma umufi. "U-Anele wathi angathanda ukuthi afike nomngani wakhe uZizipho,'' kusho uMthethwa.
Uthe kwenzeka lokho nje, uChili usemazisisle ukuthi naye kumlungele ngasohlangothini lukaNksz Gabisa umqomile. "Yilapho-ke engatshela khona uSandile ukuthi uma kunjalo-ke nabo mabasijoyine sizobe sizikhiphe ngo-Agasti 24,'' echaza.
Uthe ngo-Agasti 24, wahamba wayolanda uChili lapho ayehlala khona eCornubia ehamba ngemoto yakhe iMercedes Benz, badlulela eWaterloo, sebeyolanda izintombi zabo (abafi).
"UChili wathi yena akanayo imali, ngathi mina akakhululeke zonke izindleko zizoba semahlombe ami,'' usho kanjena. Uthe abafi babalanda ngezithuba zabo-2 ntambama, base beya esitolo sotshwala esise-Ottawa bathenga i-Hennesy, Ice Tropez neHeineken.
Badlulela i-Eden Garden eseThekwini, lapho abathola khona okuya ethunjini. "Yimina owakhokha nalapho,'' esho. Basuka lapho base beya emzini kaMthethwa oseSherwood beyolanda i-coolerbox ukugcina iziphuzo zibanda.
Baya egaraji ukuyothenga amaqhwa, base bebuyela eThekwini, lapho abahlala khona bezixoxela nje. Ngenxa yokuthi kwase kuhlwa, uMthethwa uthe uyena owaqhamuka nephuzu lokuthi bazibekisele amagumbi okulala, wavuma uNksz Mbokazi ngoba wathi vele ngakusasa akasebenzi.
Kodwa uNksz Gabisa wathi ngeke kulunge ngoba uzobe esebenza ekuseni, kodwa uChili wathi ayikho inkinga ekuseni kakhulu uzomhambisa ngemoto emsebenzini. Nebala babekisa indawo yokulala eRoyal Hotel.
"Kwakumnandi kakhulu kangangoba u-Anele izithombe owazithatha lapho waze wazinameka ezinkundleni zakhe zokuxhumana,'' kuchaza uMthethwa. Uthe ukudla kwaqala kwashintsha epuletini ngezithuba zabo-1 phakathi kwamabili, uNksz Mbokazi esethi ufuna ukuphinda ekhaya ngoba umfowabo ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela eshayela edle amponjwana, esenga ezimithiyo.
"Umakhalekhukhwini ka-Anele wase ukhala umlibe, eshayelwa ucingo ngudadewabo,'' echaza. Kuvela ukuthi uNksz Mbokazi wathi usephinda ekhaya okuyinto okuvele ukuthi yamnenga kakhulu uMthethwa. NoNksz Gabisa wabe esefuna ukugoduka nomngani wakhe, lokho kwamanenga noChili.
Uthe kwagcina sekuvunyelwana ngokuthi kulungile mabaphindiswe emuva, base bayaphuma ehhotela. Maphakathi nendlela, uthe abafi babexoxa kumaselula bedane begigitheka kubonakala ukuthi kuhlekiswa ngaye (uMthethwa).
"Ngavele ngazifundela kwezami ukuthi kuhlekwa mina,'' esho. Uthe wavele wakhetha ukuthi ayichezule imoto ayibhekise eKenville esecasuke kakhulu, ngaleso sikhatho uthe uChili wayebanjwe ubuthongo.
Uthe baba nokuhilizisana benoNksz Mbokazi, wathi kodwa okwakumnenga kakhulu ukuthi bakhombisa ukungamhloniphi phezu kwemali engaka aseyikhiphile.
"Ngabo lobo busuku u-Anele wayedane ephumela emnyango ebamba izingcingo zesoka lakhe,'' esho.
Ngezithuba zabo-2, uthe wakhetha ukuyimisa imoto maphakathi nendlela wayicisha namalambu, wase ebehlisa abafi wakhipha isibhamu sohlobo lwe-CZ75 9mm pistol, wabadubula emakhanda nasesifubeni.
"Ngabe sengitshela uChili ukuthi angene emotweni ngimbuyisele kubo,'' kusho yena. Noma babephuze amponjwana uthe kodwa okwakwenzeka ukukhumbula kahle konke.
Uvumile ukuthi abafi babulawa ngamanxeba okudutshulwa. Nokuhlolwa kwezidumbu okwenziwa nguDkt S Olivier kwaqinisekisa ukuthi abafi babulawe ngamanxeba esibhamu.
Wase ethi ucela uxolo emindenini ngobuhlungu ayizwise bona. Ummeli wakhe ube eseveza ukuthi kube khona isivumelwano phakathi kwabo noMbuso sesigwebo seminyaka ewu-25 kuwona womathathu amacala elokubulala oNksz Mbokazi noGabisa nelokubathumba.
Kwavunyelwana ngokuthi izigwebo uzozidonsa zonke kanye kanye. Ezicelela isigwebo esincane, uMthethwa udalule ukuthi unesithembu samakhosikazi amathathu nezingane eziyisithupha, nenkampani ebhekelele ukufukulwa kwabaculi abasathuthuka.
IJaji uSingh limbuzile uMthethwa ukuthi iyiqiniso yonke ingonyuluka elotshwe kwisitatimende nanokuthi yenziwe nguye, wavuma wathi kunjalo, lase lithi aliphikisi lutho konke kumi kanjalo nesigwebo sinjalo.
Emva kwalokho, uMthethwa ushone emgodini, izihlobo nemindeni baphume enkantolo bekhihla isililo. Abamele yomibili imindeni bathe kabakholwa ukuthi uMthethwa ubexolisa ngeqiniso.