KUKHONA ukudla okunomsoco ofanayo ongakudla esikhundleni seqanda.
Lokhu kushiwo ungoti wokudla uNkk Richelle Cavanagh onesikhungo esiluleka ngokudla ngendlela, esiseThekwini.
Uthe njengoba amaqanda emba eqolo ngenxa yokuthi ayashoda ngoba kuhlasele umkhuhlane wezinkukhu kuleli, i-Avian Flu eholele ekutheni kubulawe izinkukhu eziningi kuleli kufanele abantu bafunde ukudla okunye ukudla okunomsoco ofanayo.
"Iqanda linemisoco efana ne-protein, amino acid esiza ekusebenzeni kwamamasela, i-Omega-3 fatty acid, i-calcium, potassium ne-choline esiza ekusebenzeni kahle kobuchopho kodwa leyo misoco ungayithola ngokuthi udle ubhontshisi, inyama yenkukhu, inyama yenkomo ebomvu , i-yoghurt, ushizi, i-peanut butter noma inhlanzi," kusho uNkk Cavanagh.
UNksz Zinhle Mbambo, wenkampani ebhaka ibuye ifundise nokubhaka, iGel-Delish Bakery, uthe amakhekhe amaningi adinga amaqanda ngakho kubathwalisa kanzima ababhaki ukushoda kwawo.
"Akhona ama-recipe amakhekhe angawadingi amaqanda kodwa iningi lababhaki lisebenzisa amaqanda uma libhaka okwenza ukuthi sizithole sinengcindezi. Ukushintsha ama-recipe manje kungaholela ekutheni silahlekelwe amakhasimende a-ode azi ukuthi azothola amakhekhe angawajwayele," kusho uNksz Mbambo.
UChef Pam Khumalo, uthe amaqanda asebenza kakhulu uma ungumpheki ikakhulukazi uma ubhaka.
"Amaqanda siwasebenzisa uma sibhaka, asiza ekutheni inhlama ikhukhumale kahle, uma sithosa ukuze sigweme ukuthi amafutha namanzi kungangeni ngaphakathi esidlweni. Sibuye siwasebenzisele ukuthi sinamathelise izithako ekudleni kwethu," kuchaza umpheki uKhumalo.
Uthe yize iqanda liyisithako sokuqala esithandwa ngabapheki nababhaki kodwa zikhona izinto ongazisebenzisa esikhundleni salo ekhishini.
Uthe ungasebenzisa i-apple sauce engenawo ushukela esikhundleni seqanda uma ubhaka ezinye izinhlobo zamakhekhe, ama-muffins nama-brownies.
Uthe kwamanye ama-recipe afana nama-pancakes, ama-muffins nesinkwa, ungasebenzisa ubhanana esikhundleni seqanda.
Uthe ungasebenzisa i-yoghurt e-plain ukuze ikhekhe lakho lihlale lintofontofo esikhundleni seqanda.
Uthe iqanda libuye lisetshenziselwe ukugcotshwa ku-pie namakhekhe ukuze acwebezele wathi esikhundleni seqanda ungasebenzisa i-silken tofu.
Uqhube wathi i-baking soda no-vinegar nako kungasetshenziswa esikhundleni seqanda kwamanye ama-recipe amakhekhe.
"Kwezinye izitolo ezinkulu akhona ama-recipe athengwayo angafakwa iqanda," kusho uNkk Khumalo.
UNksz Mbambo, uthe uma usufuna ukushintshela endleleni yokubhaka ngaphandle kweqanda kudingeka ukuthi uqale uhlole ukuthi ikhekhe lizophuma kahle lifane nse nobujwayele ukulibhaka, okusho ukuthi uzolahlekelwa.
Khonamanjalo ikhomishini ebhekele ukuncintisana kwabadayisa izimpahla kuleli, iCompetition Commission, isishayele ihlombe isenzo sezinye izitolo esezikalela amakhasimende inani lamaqanda angalithenga ezitolo.
UMnuz Siyabulela Makunga okhulumela le khomishini, uthe ukukalwa kwamaqanda ikhasimende elivumeleke ukuwathenga kuzokwenza ukuthi umkhiqizo okhona wanele bonke abantu, ungathengwa ngabantu kakhulu ngoba benovalo lokuthi ungase uphele nokuyinto eyake yenzeka ngesikhathi kuhlasele iCovid-19.
Uthe kodwa lokhu kuzoshaya kuzwele kubathengi ngoba kumele kunyuswe intengo yaamaqanda ngokushesha.