IZOVULWA usihlalo woMkhandlu weNgculazi iSouth African National Aids Council (SANAC) ingqungquthela okuzobe kudingidwa kuyo izinto ezithina lesi sifo eqala namhlanje.
Iphini likaMengameli elingusihlalo weSANAC, uMnuz Paul Mashatile, lizovula ingqunguthela ezobe iseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini , eqala namhlanje iphele ngoLwesihlanu.
Indikimba yengqungquthela ithi “Akube khona okwenzayo, xhumana nabanye ukuze uqede lolu bhubhane, "Act, Connect and End the Epidemic”
Kule ngqungquthela kuzobe kuhlangene abathintekayo embhidlangweni wokulwa neHIV kubo okuhlanganisa osoSayensi, abacwaningi, izishoshovu ezilwela abanaleli gciwane, abasiza ekutheni kuqalwe izinhlelo zokwelapha nokugwema igciwane, abasunguli bemithetho nenqubomgomo elandelwayo ukuze kwelashwe noma kugwenywe leli gciwane kusizwe nabaphila nalo.
Bazobe bebuyekeza nenqubekelaphambili esiyenziwe mayelana nokulawulwa kwe-HIV/AIDS ne-TB kulesi sikhathi esinezifo eziningi eziwubhubhane ezikhona emhlabeni nezinye izinto eziphazamisa ukwelashwa kwezifo.
Isitatimende esithunyelwe ihhovisi likamengameli sithe I-SANAC, ibambe iqhaza eliphambili ekusungulweni kwamasu amasha okubhekana neHIV/AIDS, National Strategic Plan (NSP)ka-2023-2028 ye-HIV, TB, kanye nezifo ezithathelana ngokocansi.
"ISANAC ivula ithuba lokuthi bonke abathintekayo bakhulume ngokusebenzisana kwezinhlaka ezahlukene okuhlanganisa uhulumeni, umphakathi nezinkampani ezizimele,” kusho ihhovisi likaMengameli esitatimendeni.
UMashatile uzokwethula inkulumo yosuku esigcawini sokuvula ingqungquthela okuzokhuluma kuso uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube nezinye izikhulu zikahulumeni.
UDkt Nelson Igaba weRight to Care ezobe ikhuthaza ukuthi abesilisa basoke nokuthi bahlale bezihlola ukuthi abanazo yini izifo kuyo le ngqungquthela, uthe : “Abesilisa bancamela ukubonwa odokotela besilisa ngenxa yezizathu eziningi, abesilisa abazizwa bekhululekile ukuthi baye kodokotela noma ezikhungweni zezempilo, ngakho bayephuza ukufuna usizo lwezempilo, bajwayele ukuya esikhungweni sezempilo sebegula. Ukudembesela ungayi kozihlola kunemiphumela emibi kakhulu yezempilo”
Uthe imizamo yokubhekana nezinto eziyizithiyo ezenza ukuthi amadoda angajwayeli ukuya emitholampilo iyenziwa kodwa ekugcineni umthwalo wokuthi avakashele ezikhungweni zezempilo usemahlombe awo, ukuze ahlolwe izifo.
Uqhube wathi iRight to Care isebenzisana nezinye izinhlangano ukuthuthukisa nokwandisa izinsiza zokunakekelwa kwabesilisa. Wathi okunye abakwenzayo ukuya ngqo emphakathini bakhulume namadoda.
“ Ukuhlolwa i-HIV njalo kubalulekile. Izimpawu zokuqala ezifana nomkhuhlane uma ungabhekwa umsuka wazo isiguli singagcina sine-AIDS. Ucansi olungavikelekile, ikakhulukazi nabalingani abaningi, kwandisa ingozi yokusabalalisa i-HIV. Izindlela zokuvimbela ezisebenzayo ukusebenzisa amakhondomu, ukusokwa kwabesilisa iMedical Male Circumcision (MMC) , kanye nokusebenzisa okuzokuvikela ekutheni ungalitholi igciwane uma uye ocansini nonalo, i-pre-exposure prophylaxis (PrEP).
Uqhube wathi ukusoka kunciphisa amathuba okutheleleka ngeHIV ngo-60% .
“ Kulindeleke ukuthi ngo-2030, uhlelo lwaseNingizimu Afrika lokusokwa kwabesilisa lube selugweme ukutheleleka okusha nge-HIV kubantu abangu-500 000,” kusho u-Igaba.