UKUBA nezempilo ezehlukene kabili kuholele ekutheni iNingizimu Afrika ibe semuva uma kukleliswa amazwe enza kahle kwezempilo.
IWorld Population Review, Best Health Care Sytem 2023, ebibheka ezempilo emazweni omhlaba muva nje, ibeke iNingizimu Afrika kunombolo 87 okuyenza ikuthi ibe ngemuva kwamazwe okwaziwayo ukuthi adonsa kanzima kwezempilo afana neBotswana, iVietnam, Sri Lanka, iMongolia nePhilippines.
Ngesikhathi kuhlaziywa ezempilo emazweni omhlaba, bekungabhekwa kakhulu ukushoda kwabasebenzi, izinsiza okuyizinto ezijwayele ukushoda kuleli kodwa kuthiwe into eyenza ukuthi ibekwe kule nombolo ebekwe kuyo ukuthi inemikhakha emibili yempilo, ozimele nokahulumeni okwenza ukuthi ukunakekelwa kwabantu kwezempilo kungalingani. Abampofu balashwa ezikhungweni zezempilo zikahulumeni, abahola kangcono balashwa ezikhungweni zezempilo ezizimele.
Uhlelo lokunakekelwa kwezempilo lukahulumeni lwaseNingizimu Afrika luwumgogodla, lusiza cishe u-80% wezakhamuzi zalo ezicishe zibe ngu-60 million. U-80% wodokotela bakuleli basebenza ohlelweni oluzimele, okushiya uhlelo lukahulumeni lushoda kakhulu ngezinsizakusebenza futhi lusilele emuva.
Izinhlelo zokunakekelwa kwezempilo emhlabeni wonke zibonakale zisebenza kahle kwamanye amazwe emizameni yawo yokuqeda ukwehlukana kwezinhlelo zokwelapha. UMnyango wezeMpilo wakuleli uhlose ukulinganisa iziguli ngohlelo lwayo oluhlongozwayo lweNational Health Insurance (NHI).
Isikhulu esiphezulu se-Innovative Pharmaceutical Association South Africa (IPASA), uMnuz Bada Pharasi, sithe esinye sezibonelo zalolu hlelo wuhlelo lwaseRwanda, i-Universal Health Coverage (UHC), olusetshenziswa wu-90% wabantu baseRwanda.
“IRwanda yenyuse inombolo yezikhungo zezempilo zikahulumeni zisuka ku-1 036 ngo-2013 zafinyelela ku1 457 ngo-2020, okuholele ekutheni iningi lomphakathi likwazi ukufinyelela ezikhungweni zezempilo ebese ziseduze nomphakathi, kwehla nesikhathi esihlalwa yiziguli ezikhungweni uma ziyokwelashwa,” kusho uPharasi.
Uthe okunye okwenziwe yileli lizwe ukuthi ngesikhathi lishintsha isimo sezempilo, litshale imali yokuthi kwakhiwe izikhungo zezempilo ezindaweni zasemakhaya lapho bezingekho khona. Kwehliswa nemali ekhokhwayo ukuze bonke abantu bakwazi ukuthola ukwelashwa.
UPharasi uthe ukuze kuzuzwe inhloso yeNHI, uMnyango wezeMpilo uzodinga ukubukela kwiRwanda.
Ucwaningo luphakamisa ukuthi ukulungiselela izibhedlela iNHI eNingizimu Afrika, kuzomele kube nemali ebekelwe ukuthenga izinsiza zobuchwepheshe, kwandiswe isibalo sabasebenzi, kuthuthukiswe ingqalasizinda nokutholakala kwemithi, abasebenzi bezempilo banikezwe ukuqeqeshwa okwanele, hhayi emikhakheni ethile kuphela.