UKWANDA kwesifo somdlavuza sekuholele ekutheni kube nezindlela eziningi zokuwelapha ezikhona.
Indlela ejwayelekile ngeyokuthi kubulawe wonke ama-cell emzimbeni ngethemba lokuthi kuzofa lawa anomdlavuza lawa amanye abuye avuke, i-chemotherapy nokuthi umuntu afakwe emshinini kushiswe umdlavuza, i-radiation.
Enye indlela engadumile kakhulu kubantu abamnyama, yindlela engasebenzisi amakhemikhali ebizwa nge-metabolic therapy.
UDkt Bongani Nxumalo wesibhedlela, eYangakithi Medicals, esiseMtubatutuba, ungomunye wodokotela abayisebenzisayo le ndlela echazwa ngokuthi ukuncisha umdlavuza ukudla okudlayo egazini bese uyafa.
Uthe le ndlela ingcono kakhulu ngoba ayinazo izifo ezidalayo esigulini, kubhekwana ngqo negciwane.
Uthe umdlavuza udla ushukela obizwa nge-glucose uma ususemzibeni ne-glutamine.
"Odokotela abelapha ngale ndlela baqala ngokuthi bancishe umzimba i-glucose ukuze igciwane lilambe. Igciwane lomdlavuza liwuthanda kakhulu ushukela, uma isiguli singasakudli ukudla okuthi uma sekugayekile emzimbeni kuphendule ushukela, liyashintsha lidle i-glutamine. Uma umzimba ungasenayo iglucose sivala ukusebenza kweglutamine.
Igciwane lomdlavuza noma ngabe yiliphi liyezwana namafutha aba sonqenqemeni lwesibindi kusuke kumele sihlakaze lawo mafutha ukuze lingabe lisaqhubeka liziphindaphinda," kusho yena.
Uthe ushukela uyinkinga enkulu emzimbeni womuntu izifo eziningi zidaleka ngenxa yokuthi abantu badla ukudla okunoshukela noma ukudla okuphenduka kube ushukela uma sekugayekile esiswini.
"Ukudla okuyi-starch uma sekugayekile kuphenduka ushukela egazini, abantu bakithi badla i-starch esiningi, badla uphuthu, izambane, amahewu, konke lokhu kuphenduka ushukela kanti usazobuye adle ushukela, uswidi noshokoledi nabo abawushukela.
“Uma ungacabanga ukuthi zingakanani izinto eziwushukela ozidlayo ngosuku ungabona ukuthi izifo eziningi zingagwemeka uma abantu bengehlisa ukudla okunoshukela nokuphenduka kube wushukela emzimbeni baqinise kakhulu ezitshalweni eziluhlaza," kusho yena.
UNkk Dudu Shandu waKwaHlabisa, owumhlengikazi osethathe umhlalaphansi, ongesinye seziguli ezelashwa nguDkt Nxumalo, nge-metabolic therapy, uthe ubeneqhuzu elisebeleni wacela ukuhlolwa wathola ukuthi unodlavuza webele osesigabeni sesibili.
"Ngiqale uhlelo lokwelashwa ngisebenzisa i-chemotheraphy ngoba nami njengoba kade ngiwumhlengikazi iyona engiyaziyo. Bengingekho ntekenteke ngaphambi kokuqala ukuhlelo lokwelashwa. Ngiye esibhedlela ngoba ngesaba ukuthi uma ungingasheshi ukuwulapha umdlavuza uzosabalala kodwa nginele ngaqala ukwelashwa ngaba nezinkinga eziningi.
“Ukudla kwangangeni, ngehla isisindo, ngaphalaza ngazizwa ngiphelelwa amandla, ngagcina ngingasakwazi nokuhamba ekubeni kade ngiluqale lolu hlelo ngiziphilela," kusho uNkk Shandu.
Uthe wezwa ngohlelo lokwelashwa nge-metabolic therapy, waqala ukwenza lona, lwamsiza kakhulu waqala ukubona umehluko ezinsukwini ezintathu.
"Ngiziphonse kulolu hlelo ngoba ngibona ukuthi ngisenkingeni kanti luzongisiza. Njengamanje ngidla ukudla okufana namadumbe nezinye izitshalo, ushukela ngiyawugwema," kusho uNkk Shandu.
UMnuz Lucky Gumbi waseJozini onomdlavuza wobende nesibindi, owelashwa ngalolu hlelo lokwelashwa, uthe akazange abe nenhlanhla yokulaliswa esibhedlela yize ebenesigaxa ebesisesiswini.
"Okwami bekunzima kakhulu ngoba bengingakafiki esigabeni sokuthi kuhlonzwe ukuthi isigaxa esisesiswini siwumdlavuza, bekusahlolwa. Kwaqale kwathiwa kusolwa ukuthi iphaphu lami linamagciwane (lung infection). Ngakholwa ngoba ngake ngahlaselwa yiTB phambilini.
“Kwazanywa ukwelashwa sona kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Bekuthi uma usuku enginikwe lona esibhedlela ngilubona lukude ngiye kodokotela abazimele. Ukhona udokotela owathi uma sengisesibhedlela ngicele bangihlolele umdlavuza noma i-TB yamathumbu. Ngaba neshwa lokuqondana nabasebenzi abangazange bakushaye mkhuba lokho," kuchaza uGumbi.
Uthe ubuhlungu ayebuzwa babungabekezeleki wabe esekhetha ukuthi aqale uhlelo lwe-metabolic therapy.
"Ngibone umehluko omkhulu. Isigaxa sampontshwa udoti ngoba bese sisikhulu. Ngilubona lusebenza ngoba isigaxa simane sancibilika nami angikholwanga," kusho yena.