UMSEBENZI wokuba ngudokotela wezilwane uza nengcindezi eningi ehambisana nokusebenza kanzima okungafani nhlobo nomnikazi othanda isilwane ozizwa enelisekile ngokunakekela leso silwane.
Lokhu kushiwo nguDkt Tarry Dent, owudokotela wezilwane enhlanganweni ebhekelele impilo yezilwane, iZoetis South Africa. UDkt Dent ubesho lokhu njengoba ngoMgqibelo, kuzobe kuwusuku lokunakekelwa kwezilwane emhlabeni, iWorld Veterinary Day.
Uqhube wathi odokotela bezilwane banethuba eliyingqayizivele lokwenza umehluko obonakalayo empilweni yezilwane nabangane bazo abangabantu ngokwelapha izifo, ukuvimbela izifo, nokufundisa abanikazi ngokunakekelwa kwezilwane ngendlela efanele.
“Kuwumsebenzi onomvuzo, ohlonishwayo futhi sibheke ngabomvu ukuwugubha unyaka nonyaka nabalingani bethu. Ngiyazi ukuthi ukuba ngudokotela ngumsebenzi oyiphupho ezinganeni eziningi zakuleli kanjalo nakwabadala.
“Abawuthandayo lo msebenzi kumele bazi ukuthi unengcindezi engaholela ekutheni ugcine unesifo sengqondo uma ungalutholanga usizo, okuyinto esibhekene nayo kakhulu. Uma ungumuntu othanda izilwane, udokotela wakho wezilwane uneqhaza elibalulekile empilweni yakho neyezingane zakho ezinoboya. Masizinikeze konke ukwesekwa esingakwenza,” kusho uDkt Dent.
Uthe izinto ezidala ingcindezi, ngukusebenza amahora amade nomsebenzi onzima, ukuhlangana nezilwane ezigulakakhulu okumele zixilongwe kutholakale ukuthi zinaziphi izifo. Lokhu kuhambisana nabanikazi bezilwane abafika bekhathazekile, benethemba lokuthi izilwane zabo zizokwelapheka.
“Kuba nzima kakhulu uma udokotela kudingeka ukuthi enze isincomo sokuthi isilwane sithenwe. Kwesinye isikhathi ukuthenwa kwesilwane kungaholela ekutheni sife. Lo mphumela wenza udokotela wezilwane abe nokuzisola ngesinqumo asithathile. Uyakhathazeka okugcina kumfakele ingcindezi.
“Lokhu kukhathazeka kuvame ukuphazamisa ukusebenza kwengqondo kadokotela. Kusemqoka ukuthi bahlale bephilile ngokwengqondo ukuzebabhekane nezidingo zemihla. Ngaphezu kwalokho, sikhuthaza abanikazi bezilwane ukuthi basekele odokotela bezilwane zabo,”usho kanje.
Uqhube wathi enye indlela abanikazi bezilwane abangeseka ngayo odokotela ngukuthi babe nokuxhumana okuyikho.
“Abanikazi bezilwane bangakwazi ukukhuluma ngezinto ezibakhathazayo, abakulindele, nokuthi banamalini abayihlelele ukuthi isetshenziselwe ukwelapha izilwane zabo.
“Uma benza njalo, kuba lula ukuthi udokotela athi eqala ukwelapha isilwane asebenzise izinsiza umnikazi wesilwane azokwazi ukuzikhokhela, kunciphe namathuba okuthi bagcine sebexabana ngoba bebengavulelananga izifuba ngesikhathi kuqala umsebenzi wokwelashwa kwesilwane," kusho yena.
UDkt Dent weluleka ngokubaluleka kokuthi abanikazi bezilwane ezifuywayo bahloniphe isikhathi nobuchwepheshe bodokotela babo bezilwane.
“Ukufika ngesikhathi ukuze uthole isikhathi esimisiwe, ukufika nomlando wezokwelashwa wesilwane, nokunamathela ezinhlelweni zokwelashwa onikezwe zona, kubonisa inhlonipho kudokotela wezilwane," kusho uDkt Dent.