ISIKHATHi esiphila kusona manje sihambisana nezinto nezinselelo eziningi okwenza ukuthi ababhekana nazo, ikakhulu izingane, zithwale kanzima ukubhekana nazo uma kungekho muntu ozilekelelayo ikakhulu engcindezini yasemphakathini, wumsebenzi wesikole nokuba matasa nje okwejwayelekile kwasekhaya.
Nokho isikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health sesicebise ngokuthi ukusheshe uqaphele lezo zinselelo ezinjalo kusenesikhathi emntwaneni wakho kungasiza ukuze ukwazi ukumeseka ngendlela ayidingayo nezokwenza impilo yakhe iqhubeke ngendlela efanele.
I-Affinity Health icebise abazali ngokuthi abaqaphele izimpawu zalokhu kubantwana babo okungaba wukuthi mhlawumbe umntwana ahlale ediniwe ngisho kungenasidingo, angakwazi ukulala kahle noma abe namaphupho amabi uma elele, kokunye ahlale ekhala ngekhanda nesisu; kuthi kusuka lapho angabe esenza kahle ezifundweni esikoleni.
Nazi ezinye izinto ongazenza ukweseka umntwana wakho empilweni yakhe:
- Mnikeze ukudla okunempilo: Ukudla okunempilo ngenye yezinto ezisizayo ukwehlisa ukugqilazeka komqondo, ngakho ukuze umntwana wakho asizakale ungagxila ekutheni umuphe ukudla okunempilo okunjengemifino, izithelo bese unciphisa kokunoshukela namafutha.
- Mukalele isikhathi asichitha ebuka ithelevishini: Lokho nakho kuyasiza ukugwema ukugqilazeka nokungakhululeki komqondo, ongakwenza ngokuthi umkalele isikhathi asichitha ebuka ithelevishini - esikhundleni salokho wandise isikhathi asisebenzisa enza into anekhono layo okungaba wukudweba, yimidlalo ehlukene noma umjwayeze ukufunda izincwadi.
- Menzele uhlelo oluqondile lwezinto okumele azenze: Ukuba nohlelo oluqondile nolulandelekayo lwezinto umntwana wakho ofuna azenze kungasiza ukugwema ukukhathazeka kwakhe emqondweni. Yiba nohlelo olulodwa nezikhathi zokuthi ufuna enze nini imisebenzi eyehlukene okungaba owesikole owenziwa ekhaya, ukuthi udla nini nesikhathi okumele alale ngaso.
- Mkhuthaze ukukhuluma ngokukhululeka: Ukuvumela umntwana wakho ukuthi akwazi ukukhuluma ngokukhululeka noma abhodle ngokusemqondweni nasenhlizweni yakhe kungasiza ukuthi angabi nezinto ezimdlayo ngaphakathi angazikhulumi namuntu.
- Ungamgqumi endlini: Ungavaleli umntwana wakho ekhaya, kunalokho mkhuthaze ukuphumela ngaphandle ayodlala nontanga yakhe ukuze umzimba nomqondo wakhe kuqaqeke.
- Beka eqhulwini ukulala ngokwanele: Yenza ukuthi umntwana wakho abe nohlelo oluqondile lokulala ngokwanele bese ugwema ukumphuzisa iziphuzo ezine-caffeine ngaphambi kokuthi alale ezinjengekhofi netiye ngoba lokho kungenza ukuthi abe nenkinga yokuqwasha uma sekumele alale. Okungcono ungamnika incwadi afunde, noma umdlalele umculo omnandi nopholile ngaphambi kokuthi alale.
- Xhumana nabaqeqeshelwe izimo ezinjena: Uma ubona ukuthi uba nenkinga engalungiseki ngalesi simo, ungaxhumana nabezempilo ukuze bangenelele ngokukubonisa bakucebise ngamacebo ezinye izinto ongazenza ukuze umntwana wakho ahlale enempilo.