Umbuzo
NGINGOWESIFAZANE, ngihlala nengane yami enonyaka. Asisathandani nobaba wayo ngoba selokhu kwabakhona ingane izinto aziphindanga zahamba kahle phakathi kwethu. Sasixabana njalo, ngathola ukuthi useqonyiwe, sahlukana. Yize ngangisamthanda kodwa ngasamukela isimo.
Inkinga wukuthi uyafika ezobona ingane futhi ayilethele nezinto, yilapho uthando luvele luvuke kimi lume ngezinyawo. Ngiyabona ukuthi usangithanda ngoba sesike salala. Ngelinye ilanga efikile wangitshela nokuthi uyazisola ngesenzo sakhe, usefuna ukubuya. Ngiyamthanda. Angifuni ukuqamba amanga, manje angazi noma ngimbuyise yini? Ngizokwazi kanjani ukuthi ngeke yini futhi esangishiya nengane?
Impendulo
Kuyacaca ukuthi, ukuhlukana kwakho naye, awuzange ukwamukele kodwa wawudinwe ukuthi useqonyiwe. Okuyiphutha elikhulu! Akumele uhlukane nomuntu usamthanda ngoba leyo nto ihlukumeza wena, nomuntu ozama ukuthandana naye. Lokhu kungenxa yokuthi inhliziyo yakho isasele kulona ozitshela ukuthi usuhlukene naye. Njengoba usamthanda futhi senike naya nasocansini, ekubeni nithi nihlukene, ngibona kungcono nihlale phansi. Nizame ukulungisa izinto ngoba kungenjalo nizolokhu nidlala umdlalo kamalalana, ozobe uxhaphaza wena. Akuhlukanwa nomuntu usamthanda dadewethu, ngoba inhliziyo isuke ingaxolile.