MHLELI: Namanje ngithi ngeke aze alunge uMnumzane Lizwi Ncwane noma engeza nabuphi ubuqili noma nayiphi inkohlakalo azama ngayo ukuziveza ukuhlakanipha kwakhe.
Njengoba namhlanje izinto zimapeketwana kanjena nje phakathi kwakhe nebandla besivele sikulindele ukuthi ekugcineni uzosala obala njengempahla yembuzi. Naye wubekwazi ukuthi akwenzayo ngeminikelo ebihlala icelwa emabandleni wubefuna ukuzicebisa yena ngalezo zimbulu ebezinikelwa, kube sengathi kukhona angaguqula ngakho izinqumo esezakhishwa yizinkantolo zakuleli lizwe, ngokuthi ngubani umholi owashiywa wuThingolwenkosazane (iNkosi Vimbeni Shembe) ukuthi ahole ibandla lamaNazaretha ngokusemthethweni.
Namhlanje akasazi ukuthi uzophunyula kanjani kulezi zinsolo zokweba iminikelo abhekene nazo. Ngakolunye uhlangothi ibandla ulifakile ehlazweni, lokuthi libe nethemba lokuthi uNkosana ozalwa yiNkosi uThingo, uMduduzi Shembe nguye umholi osemthethweni, kungenjalo. Namhlanje ngisho ubumantshi bakhe sebuzoqala ukungabi naso isithunzi ngoba uzame kaningana ukuphikisa izinkantolo nawo wonke amajaji ezweni ngento esemthethweni ebhalwe phansi.
Futhi uliwakile ibandla ngokwakha isitifiketi esiwumkokotelo, wakhohlisa ibandla wathi siphuma emthethweni, ebe eqamba amanga aluhlaza. Okubuhlungu wukuthi abefundisi abazamile ukumxwayisa uNcwane ngobungozi becala nokuthi ngisho kungenziwa miphi imizamo yokuphikisa izinqumo, ngeke kube khona umehluko noma okungaguqula lokho okwashiwo wuThingo ngoba lwakubhala phansi.
Besho abanye abagcotshwa ukuthi ngisho kungayiwa eNkantolo yoMhlaba kodwa akukho okuyoshintsha lokho okwabhalwa wuThingo, kepha yena waqhubeka wazenza umuntu oyinjula ekwazini umthetho ongenza uNyazi ukuthi lube ngumholi osemthethweni, kanti uzifunela imali, yena uyalazi iqiniso lokuthi ngeke kuze kube njalo.
Baningi futhi abefundisi abanezinhloso ezifanana nezikaNcwane abaziyo ukuthi umholi owabekwa wuThingo yimuphi, kodwa bebe nezinhloso zokuthi kuyothi kufikwa esiphethweni senzukazikeyi yecala bona bebe sebezicebisile ngeminikelo abayisavuna malanga wonke ngecala. Angiqondile ukubabala ngamunye ukuthi bangobani kodwa bona bayaziwa.
Futhi siyafisa ukuthi ayikhokhe le mali ngokukhulu ukushesha. Incwadi kaLuke 12:1 ithi akukho okufihliweyo okungayikwambulwa, njengoba sekwenzeka njena. Kusekuncane lokhu. Kuseza okukhulu. Zonke izimfihlo zisazohlala obala nabo bonke labo ababe nesandla sokuniwa komsebenzi kaShembe awuhluphekela kangaka, namhlanje abantu sebethole ifemu yokuzicebisa bona.
Okhathazekile
ETHEKWINI