IGAMA LENCWADI: Jurgen Klopp: the biography
UMBHALI: Elmar Neveling
ABAHUMUSHI besiNgisi: Bryan Roberts noBradley Schmidt
ABASHICILELI: Penguin Random House UK
KWAJABHA abalandeli bebhola abaningi ngesikhathi isilomo somqeqeshi, uJurgen Klopp, eshiya iqembu lebhola, iLiverpool. UKlopp washiya isikhundla sokuqeqesha eseneminyaka eyisishiyagalolunye ecija iLiverpool. Ukuhamba kwakhe akwehlanga kahle emphakathini ngoba ubenogazi futhi abantu abaningi bachazwa wukuthi wafika wenza ushintsho eqenjini.
Encwadini ehunyushiwe isuselwa olimi lwesiGermany, iyiswa esiNgisini, kuhlaluka okuningi ngalo mqeqeshi owenza ezibukwayo ngesikhathi etheleka eNgilandi.
Incwadi ethi, Jürgen Klopp: the biography, ilandisa kusukela ekhula eGermany, edlala ibhola nangesikhathi esiza iqembu iBoruss Dortmund ukuthi libuyise isithunzi ngo-2011.
Baningi abamthulela isigqoko ngenxa yekhono lakhe lokucija intsha ebholeni lezinyawo nokuzithoba kwakhe emphakathini.
Ngaphambi kokuthi aqeqeshe iLiverpool, uKlopp watakula iqembu laseGermany, iBorussia Dortmund ngokuthi linqobe indebe ngo-2011, ngemuva kweminyaka lizama ukunqoba izindebe e-Europe
Ubuhlakani bakhe bugqame kakhulu ngesikhathi ethatha izintambo eqenjini iLiverpool, laqala lawola izindondo emaligini aseNgilandi nawase-Europe.
Ngo-2019 wenza ezibukwayo ngesikhathi esiza iLiverpool ukuthi ithole udumo nge-Champions League, waqeda isomiso seminyaka ewu-14 iqembu lishweba indondo yase-Europe. Sekuwumlando ukuthi uKlopp waba ngungqondongqondo owaqinisekisa ukuthi iLiverpool, ibuyelwa yisithunzi sayo ngokudla iPremier League ngesizini ka-2-10-2020.
Lokhu kwamakhela ugazi kubalandeli bebhola futhi kwabuyiselwa iLiverpool esicongweni futhi kwaqopha umlando wekilabhu yaseNgilandi.
Kumanje uKlopp ushayela umkhumbi weRed Bull.