MHLELI: Ngiyathokoza ukuthola ithuba lokubhala ephephandabeni elihamba phambili.
Ngithanda ukuphawula ngomsakazo Ukhozi FM ngokuxwayisa abaphathi bawo. Ngithi uma bengabhekile luzophelelwa ushatini ngenxa yento eyenziwa abasakazi bohlelo Us’giya Ngengoma yokusakaza sengathi basakazela abangani babo.
Banomkhuba wokukhuluma noma yini ewukubhinqa emsakazweni ubezwa kahle ukuthi bachukuluza abathize.
Siyacela kubaphathi bomsakazo bayibheke le nto, okungenani abakhishwe abasakazi bakaS’giya Ngengoma kufakwe abanye. Akunikwe ithuba umsakazi omusha kulolu hlelo.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi buphi ubuholi obudala obabuhola Ukhozi FM ngezikhathi zoLinda Sibiya ngoba ngalezo zikhathi Ukhozi lwaluheha abasakazi ababehlonipha umbhobho kodwa manje sekukwampunzi edlemini.
Thulisani Myeza
ETHEKWINI