BANINGI abantu abanokudideka ngemicimbi yezokuvakasha evame ukwenzeka ngokulandelana ezindaweni ezahlukene, kodwa igxile ekuqhakambiseni ibhizinisi nemikhiqizo yezokuvakasha ezwenikazi lase-Afrika. Kule ngosi sikucacisela ngokubaluleka nokuhluka kwemibili ebalulekile yezokuvakasha okumele ube yingxenye yayo uma usembonini yezokuvakasha i-World Travel Market (WTM) neTravel Indaba.
Imicimbi ye-WTM (World Travel Market) okuhlanganisa i-WTM Africa yandulela i-Travel Indaba. Mayelana nesikhathi nenhlosongqangi; I-WTM iwumcimbi obanzi womhlaba wonke osebenza njengenkundla yemboni yezokuvakasha ukuthi ixhumane, yethule imikhiqizo emisha futhi ikhiqize imikhondo yokuthengisa. I-Travel Indaba ngakolunye uhlangothi, wumcimbi oqondile, ogxile e-Afrika okhombisa ngemikhiqizo yezokuvakasha yase-Afrika futhi uheha abathengi bomhlaba e-Afrika.
I-WTM (World Travel Market):
Inhloso: Imicimbi ye-WTM, ehlanganisa i-WTM Africa, ihlose ukuxhuma imboni yezokuvakasha yomhlaba wonke, ehlanganisa izivakashi ezibuya kwamanye amazwi nezihambela kwamanye amazwe, nezindawo ezihlukahlukene nemikhakha yezimboni.
Ezokuxhumana (Networking) nebhizinisi: I-WTM isebenza njengenkundla yamabhizinisi ukuba baxhumane, bathuthukise ubudlelwano futhi benze ucwaningo lwemakethe.
Izazi zomhlaba: I-WTM iheha inqwaba yochwepheshe bezokuvakasha bamazwe ngamazwe, okuhlanganisa abathengi nabezindaba.
I-Travel Indaba (Africa's Travel Indaba):
Igxile e-Afrika kuphela: Indaba iklanyelwe ngokukhethekile ukukhombisa izinhlobonhlobo zemikhiqizo yezokuvakasha yase-Afrika nezindawo zakhona zezokuvakasha
Ukuheha abathengi bomhlaba wonke: Indaba iheha abathengi bamazwe ngamazwe, abezindaba nezingcweti zemboni. Ihlinzeka ngezigaba ezihlukahlukene zezokuvakasha, okuhlanganisa ezingamanani aphansi nezomtakabani.
Iphethwe yiSouth African Tourism: Indaba umcimbi olawulwa wuhulumeni ngenhloso yokudala amathuba emikhiqizo eyahlukene yezokuvakasha ukufinyelela ezimakethe.
Okwenzeke eWTM Afrika eKapa kuleli sonto: