UTHANDO lwamakhasimende yilona oluhole indawo yokudlela iJohn Dory's ukuba isungule uhlelo lokunikeza amakhasimende ikhono elisha ebe ezijabulisa ngeziphuzo ezimnandi.
Leli yikhono lokufunda ukwenza izinhlobonhlobo zeSushi ufundiswa uqweqwe lompheki, iJohn Dory's Sushi Masterclass.
Lesi sifundo sokwenza isushi sivuleleke kubantu abane kuya kwabayishumi okusho ukuthi ungafika nabangani bakho noma amalungu omndeni nibe nesikhathi esimnandi ndawonye. Uma nifika, wonke umuntu unikezwa iphinifa alisesitayeleni, ukhonjiswe indawo ozosebenzela kuyo enazo zonke izithako ozozidinga uma ususebenza ulinde uthisha ozokufundisa ukuguqula izithako zibe ubuciko obudliwayo besidlo esihamba phambili eJapan.
Le masterclass ayibhekile ukufundisa ngeSushi kuphela kodwa ukudala izikhathi ezimnandi phakathi kwabantu abathandanayo lapho bejabulela ukufunda ndawonye.