AMAHOLIDI ayisipesheli aqhakambisa ukholo, indumiso nobunye kulindeleke ukuthi anikeze imboni yezokuvakasha KwaZulu-Natal umfutho owengeziwe ngezivakashi eziwu-400 000 phakathi kuka-Ephreli noMeyi. Umnotho ohlongozwayo kulesi sifundazwe kulindeleke ukuthi ube ngu-R1.4 billion.
UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo, uMfundisi Musa Zondi, uthi umnyango wakhe uluthathela phezulu uhlelo lwezokuvakasha olubhekelele amakholwa njengoba lesi sifundazwe sinazo zonke izinto ezidingwa abafuna ukuvuseleleka ngokomoya.
"I-KZN iyindawo ekahle yokukhuthazeka, ukuvuseleleka nokuthola amandla amasha kulesi sikhathi sePhasika,’’ kusho uMfu Zondi.
Kubhekwe ukuba kutheleke izinkulungwane zabantu abazohambela izinkonzo ezinkulu zamabandla ahlukene okubalwa iBandla lakwaShembe (Nazareth Baptist Church) neZayoni azobe ehambela izindawo ezingcwele, abambe izinkonzo, izingqungquthela zezenkolo nemicimbi emikhulu ehleliwe.
Akubhekiwe kuphela amakholwa azobe ekhonza, kodwa nabathandi bomculo wokholo njengoba kuhlelwe imicimbi eyahlukene kwazise iJoyous Celebration eseyidle izindondo eziningi izosingatha i-Easter Mega Fest e-Durban ICC ngempelasonto yePhasika, kuthi i-12th uVukile Gospel Festival yona ibanjelwe enkundleni Ugu Sports and Leisure Centre, eLower South Coast, ngeSonto lePhasika nangoMsombuluko wePhasika.
Kwabazovakashela maphakathi nesifundazwe, i-Underberg ibuyisa umcimbi waminyaka yonke, iSplashy Fen. Lo mcmbi uvame ukuheha izinkulungwane zemindeni kuthakaselwa imidlalo yamanzi.
UJames Seymour, umqondisi ophethe weCathkin Booking and Management Services, uthe izinsuku ezikhethekile zokuphumula zesikole zizoba nomthelela omuhle kwezokuvakasha e-Drakensberg ngoba ithathwa njengendawo ekahle yokuphumula ngezimpelasonto ezinde.
"Siphethe lukhulu lokujabulisa abantu abathanda izinto ezahlukene ikakhulukazi labo abathanda imidlalo yasezintabeni, o-zipline, bunjee jumping, ukuqwala izintaba, nokunye okuningi,” kusho yena.